USENZO "Ntencane" Zondi, ongumculi wokuqala kamaskandi ukubhidisa kwiClash of the Choirs kuMzansi Magic, uthe ukufinyelela kwakhe emzuliswaneni wamanqamu kuyisifundo kuwo wonke umuntu.
Ukungena kuTop 2 kweTeam Ntencane emele iKZN neTeam Vusi Nova emele iWestern Cape kwenze amathe abuyele kasifuba kwabaningi ababezitshela ukuthi uNtencane uzokuba yikhongco elibuthakathaka kulo mqhudelwano ngenxa yokuthi ungumculi kamaskandi.
OTomasi baseBhayibhelini bebengabaza amandla kaNtencane ngoba ubedlana imilala noLanga Mavuso, Vusi Nova be-Afro soul, Khanyisa, Lady Du bama-piano, Prince Kaybee we-house noZaza Makhethi womculo wokholo.
Uthe kumjabulise kakhulu ukuhamba baze bafike kulesi sigaba somnqamulajuqu.
"Lokhu ngiyacabanga kuyisifundo kuwo wonke umuntu ukuthi ungamjaji umuntu uma ungamazi ngoba kuningi osuke ungakwazi ngaye." Nakuba ezikaNtencane, Amabhubesi, zibe yizintandokazi kubabukeli namajaji kodwa yena uthi lumuthi heqe uvalo.
"Lukhona lona kancane ngoba sekusesigabeni samavoti kodwa nginalo ithemba ngoba abantu bawubonile umsebenzi wethu kusukela umqhudelwano uqala. Akukho sigaba esisijombile. Lokho kwenza kube lula nakumuntu owaze manje ngohlelo iClash of the Choirs, uma ebuyela emuva eyobheka umsebenzi wethu, uzowufica."
Unxuse abantu, ikakhulukazi baKwaZulu-Natal namabhinca, ukuba baqhubeke nokuvota ngobuningi babo ngoba ukuwina kweTeam Ntencane kungasho lukhulu endimeni yomculo kamaskandi.
"Kungabe kusho ukuvuleka komunye futhi umnyango lapho besingabhekiwe khona njengabaculi bakamaskandi. Ngakho nami ngiyafisa ngenhliziyo yami yonke ukuwuwina lo mncintiswano ukuze ngishiye igama elihle ngomaskandi."
Esephetha uNtencane ube esebonga kakhulu ekhwayeni ayibhidisayo ngokumlwela kuze kufike kulesi sigaba ukuqinisekisa ukuthi isifiso sakhe siyafezeka.
Uma igcina iwuwinile uR1 million, iTeam Ntencane, kuyobe kusho ukuthi ihamba ezinyathelweni zeTeam Khaya eyaba yikhwaya yokuqala yakulesi sifundazwe naseNingizimu Afrika ukuzibula ngalesi sicoco ngo-2013.
*IClash of the Choirs ikhonjiswa kuDStv Channel 161 ngeSonto kusukela ngo-6 ebusuku kanti imininingwane yokuvota itholakala emakhasini eClash of the Choirs nakuMzansi Magic ezinkundleni zokuxhumana.