UMLINGISI owaduma kwiSibaya neThe Queen, uJessica Nkosi, uthukuthele uyaveva ngenxa yabantu abamsola ngokulamanisa eduze.
Emuva kokudalula ukuthi ukhulelwe ingane yesibili ekuqaleni konyaka, uJessica ubhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi akasakutholi ukuphumula ngabantu abamhlohla ngemibuzo engaphusile.
Uthe udinwa abantu abathi “Sewukhulelwe futhi?” UJessica uphendule ngokuthi “Anime kancane...ngigcine ukukhulelwa ngo-2018, manje sekuwu-2023! Niyangincokolisa? Anikuyeke lokho bandla. Nenza sengathi ngikhulelwa unyaka, nonyaka futhi noma ngabe kunjalo, yindaba kabani?”
Umlingisi ubuye wakhala ngabantu abambuza ukuthi: “Namanje usakhulelwe? Ngempela akujwayelekile yini ukuthi ngikhulelwe izinyanga eziyisishiyagalolunye. Ngokujwayelekile umuntu ubeletha emuva kwenyanga ekhulelwe? Ngiyaxolisa. Ngokuzayo ngizoqinisekisa ukuthi ngibeletha ngokuphazima kweso. Ngenzela wena,” kusho uJessica ngokubhuqa.Wagqama esalingisa indawo kaQondisile Buthelezi kwiSibaya ngaphambi kokuba nguThando Sebata kwiThe Queen.
Ukugconwa ngabalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana sekuze kwaphoqa uJessica ukuba angabe esakuvumela ukuba abantu babeke umbono ngokuthi avale indawo abangaphawula kuyo.
"Yingakho ngigcine sengingasabhali lutho noma sengisusa indawo okungaphawula kuyo abantu ngoba kunengcosana engicikayo.Futhi ngiyazi ukuthi akumelengiphike nayo kodwa yo hhayingeke..." kuphetha uJessica oshade nozakwabo, uNtokozo Dlamini owazakhela udumo ngokulingisa indawo kaMastermind kuZalo.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaJessica ayiphumelelanga kwahluleka ngisho esethunyelelwa imiyalezo.