UMLINGISI wodumo kuMuzi Wezinsizwa futhi osanda kuphumela obala ngosizi lwakhe, uVusumzi "Tshawe" Thanda, ukhale mi izinyembezi ngesikhathi ebalisa ngokudliwa kwamandla akhe yiNhlangano yezokuSakaza kuleli (SABC).
Ekhuluma kwiThe Hustlers Corner SA, uTshawe, uthe ubhuqwabhuqwa yindlala nje yingoba iSABC inqwahile nemali yakhe okufanele ayithole uma kuphindwa imidlalo ayelingisa kuyo.
"Kwenzekani ngama-royalties ethu eSABC? Kutheni singawatholi? Sasinikezwa kuqala kusewuhulumeni wamaBhunu."
Uthe abalingisi abafunwa kuleli yingakho benganikezwa ama-royalties ekubeni abaculi benikezwa.
"OHotstix (Mabuse) noRebecca (Malope) baphila kahle (ngoba bayayithola imali)."
Uthe okwenza bangayitholi impatho kuleli yingoba abalingisi abahlonishwa.
Uthe okumphatha kabi ukuhlangana nomuntu amkweletayo ngoba uzitshela ukuthi usakuholela ukuvela kwithelevishini kanti akusenjalo.
Uthe nasekuqaleni kwaphoqeleka ukuba bayilwele le mali ukuze bayithole.
"Saya eSABC kwaqhamuka indoda ende emnyama (uMadala Mphahlele) eyasibuza ukuthi singobani. Sathi singabalingisi kanti iqonde ukuthi singaphansi kwayiphi inyunyana. Sathi asinayo, yathi asihambe siyoyisungula."
Uthe nebala basungula inhlangano iPawe (athe usekhohliwe ukuthi imele ukuthini).
"UJaphani Mthembu wabe esephakamisa ukuthi asifake isikhalo sokuthola ama-royalties eSABC." Uthe baqala ukuwathola futhi ayebenza baphile kahle.
"Kwabe sekufika la bantu ababengekho, bebuya ekudingisweni, bakuqeda ukukhokhelwa kwama-royalties."
Uthe kwakungaqali kuye ukudliwa kwamandla akhe. Udalule ukuthi umdlalo wethelevishini owawuthi Iyawa NguDan (Izinkinga ZikaDan) kwakuwumdlalo azisungulela wona futhi ubhalwa nguye kodwa wanikezwa umlungu thizeni.
"Kwakuthiwa angibhale bese nginikeza imibhalo yami kumlungu. Ngangingenankinga ngoba ngangisafuna ukuvela.
Ngawo nganikezwa uR18000 (ngeminyaka yo-1983)."
Unxuse abazali ukuba badonse izingane zabo ukuba zize zingalokothi zingene ekulingiseni uma zingenaso isibindi.
Eqhuba uthe omengameli bayangena bayaphuma kodwa izithembiso abazenzayo emacikweni abazifezi.
UTshawe ukhuluma kanjena nje, usanda kuphumela obala ngokuthi usedla imbuya ngothi emuva kokulaliswa phansi yisifo sikashukela, okuyikho okwamkhipha kwiThe Queen.
Umlingisi wodumo kwiSono, uPearl Thusi, uthe kumphatha kabi ukubona amaciko abekhuthaza futhi ejabulisa bona eminyakeni edlulile esedabukisa kanje.
Siziphendulela isikhulu seSABC, uNksz Gugu Ntuli, sthe bona abamkweleti lutho uTshawe ngoba banobufakazi bokuthi bamkhokhela yonke imali eqondene naye.
"Kufanele kuqashelwe ukuthi Umuzi Wezinsizwa wagcina ukusakazwa kwiSABC eminyakenj emibili eyedlule futhi imali yokuphindwa kwalo mdlalo yakhokhelwa uMnuz Thanda. ISABC iyazwelana kakhulu nosizi olukhungethe uMnuz Thanda futhi iyamkhuthaza ukuba axhumane nayo uma esenemibuzo ngokuthumela umyalezo [email protected] noma afonele ku-011 714 6621. "Mayelana nemali yokuphindwa kwemidlalo, kufanele abalingisi bazi ukuthi kudingeka bathumele izicelo ukuze iSABC ikhokhe. Uma kungenasicelo esilethwayo, iSABC ayikwazi ukukhokha njengoba buzobe bungekho ubufakazi," kuphetha uNksz Ntuli.