OZAKHELE udumo emidlalweni yethelevishini iYizo Yizo neGomora, u-Israel Matseke Zulu, ucija abantu abasha kwezokulingisa ngakubo eDkt Knak Primary, e-Alexandra.
Ekhuluma kwiMetro FM, u-Israel uthe umsebenzi wokuqeqesha waqala ukuwenza esadonsa iminyaka eyisishiyagalombili ejele.
"Mina ejele ngangifana noNelson Mandela ngoba ngangiyisishoshovu senkululeko yeziboshwa. Ngangingakaze ngazibandakanya nemikhuba yezigebengu kodwa ngangilwa nayo. Ngaphendula ijele indawo yokuhlumelelisa izimilo zeziboshwa, ukuze zibuyele emakhaya seziphila impilo engcono."
Uthe wangena ebugebengwini ngoba ezama ukuphucula impilo yakubo.
"Ngisakhula ngangihamba isonto iBaptist Church. Engangikuthanda ngebandla labelungu wukuthi sasilandwa ngamabhasi, kudliwa futhi kunezinhlobonhlobo zemidlalo."
Umlingisi uqhube wachaza ukuthi waqala ukungena ebugebengwini eneminyaka ewu-12, efunda uGrade 7.
"Santshontsha imoto e-Orange Groove, ngoba sasifuna ukuba nemoto yethu."
Ngaphandle kokuhlohlana nabangani, u-Israel uthe isimo sakubo sasinzima futhi samenza wangena wavela ngekhanda ebugebengwini.
"Ekhaya sasihlala endlini eyigumbi elilodwa siwu-13. Abanye bethu babelala ngaphansi kwetafula. Sengiseneninyaka ewu-11, ekhaya kwathiwa sengiyindoda, ngakho sekufanele ngibheke umndeni."
Uthe ukhule kubo kungekho ndoda ababengayibiza ngobaba, ngisho nomalume. "Akekho noyedwa umuntu owenza umsebenzi awufundele. Kwakugcwele abasebenza emakhishini. Ngakho kwakusiphoqa ukuba siyolanda izinkomo ezathathwa kokhokho bethu."
U-Israel uveze ukuthi uyise wayephanjanelwe wumqondo ngesikhathi ezalwa. Uthe ubugebengu bakhe babuhambisana nepolitiki ngoba wayeyilungu leSACP futhi egqugquzelwa nguChris Hani, noMam' Winnie Mandela abangasekho.
Uthe esakhula wayezibona engumdlali webhola okhokhelwayo ngoba wayeyifolosi elalingalibheki ipali. Ejele uthe wafika wavelela ebholeni kodwa wangakwazi ukuthola ithuba lokudlalela iqembu elikhulu, nakuba izikhulu zazifika ukuzohlwaya ikhono.
U-Israel uthe ngenxa yokukhanya ngebala wayehlushwa ngabaqeqeshi basejele ngoba babefuna ukumphendula intombi yabo ukuze bambophele esikimini. Uthe yingakho agcina eliyeke phansi ibhola, wenza i-gumboot dancing.
Echaza ngokunqanyulwa komlenze wakhe, uthe kwaqala ngokuthi igazi lilokhu lima kanti uzogcina engasakwazi ukuhamba. Uthe wehla, enyuka ezinyangeni nakodokotela kodwa wangakuthola ukusizakala.
U-Israel uthe kwaphela izinyanga eziyisikhombisa engalutholi usizo futhi ekhala nezinyoni kwaze kuba kunqunywa umlenze. Unxuse abantu ukuba bayisukumele indaba yokugula, wathi ngabe naye usanawo umlenze ukuba wavuma ukuthi basuse ubhozo.