INKAKHA yomlingisi owazakhela udumo ngokudlala indawo kaMaSebobe kwiGenerations, uLillian Dube, uthe usavelelwa yizesheli ezizincoma ngokuba ngompetha embhedeni.
Ekhuluma kwiThe Panel of Love Podcast, uLillian (78) uthe yena usababa njengopelepele ngenxa yokuthi akasona lesi salukazi esimbatha itshali nesinukayo.
"Ngeshelwa njalo. Umuntu aze angitshele ukuthi uzongivocavoca, angenze angenze."
Uthe uyabaziba abantu abamshelayo ngoba kunomuntu athandana naye.
"Noma bengingenamuntu, anginankinga ngoba nginezinto zami eziyisikhombisa (esho amathoyizi okuzithokozisa ngocansi). Ngakho anginamzwangedwa. Ngivele ngithi khashakhasha (esho ukuphuza utshwala) bese ngenza laba bafana (ehloniphisa ukuzithokozisa ngocansi) bese ngiya kumuntu wami, ngiyomlalela esho izinto ezinhle. Engithumelela nomculo omnandi," esho emamatheka okwentombazane esaqala ukukhehlwa.
ULillian uthe yena esakhula wayezithokozisa ngokushaya indlwabu.
"Noma sengikhulile, ngijole nabantu abaningi kabi bengazi. Ngize ngibalahle. Ngijola nawe, ngilala nawe, awazi wena. Ungidine, angisakufuni."
Ngo-2021 uLillian waphumela obala ukuthi unamathoyizi ocansi (vibrators) angaphezu kwesikhombisa.
Waze waluleka abantu besifazane ukuba bayeke ukuthungathana nothando ezindaweni ezingafanele, wathi akekho umuntu ongagculisa omunye. Eqhubeka wathi yena yingakho enohlobo oluhlukahlukene lwamathoyizi ocansi azithokozisa ngawo.
Ngo-2016 uLillian watshela i-eNCA ukuthi unesoka alishiya ngeminyaka eyisishiyagalolunye, uKenneth Mgqamqo ayesethandane naye iminyaka ewu-13.
Wathi okumchaza ngalo ukuthi liyabukeka futhi limenza azizwe eyitshitshi elineminyaka ewu-16. Walithola emuva kweminyaka eyisishiyagalolunye ethole ukuthi unesifo somdlavuza webele.
Akagcinanga lapho uLillian wabuye wagqugquzela amadoda ukuba angakunqeni ukumunca izingono zabesifazane ngoba lokho kusemqoka. Wayekhuluma ohlelweni olwalwethulwa nguThomas Mlambo kuSABC 1, iSport@10 ngo-2018.
"Ngigqugquzela amadoda ukuba amunce lezo zingono futhi ngikhuthaza nabantu besifazane....kuyihlazo? Awuzimunci izingono? Uncelani? Kufanele uncele okuthize," kwasho uLillian, lapho uThomas eseswele umgodi wokucasha.
ULillian uhlonishwe ngeziqu zobudokotela yi-University of Tshwane ngenxa yamagalelo akhe emkhakheni wokulingisa.