UMLINGISI womdlalo osihloko sithi Icala kuMzansi Magic ngoMsombuluko ngo-7 ebusuku, uLerato Mvelase, ugonyuluke ngokuthi angalala nendoda efuna bazitike ngocansi yize bengajoli.
ULerato, oyisangoma, ubephendula imibuzo kwi-podcast, iWaw What A Week (with DJ Fresh) ngoLwesihlanu.
Uthe uyamnyanya umuntu wesilisa oqamba amanga athi uyamthanda kanti ufuna ukulala naye.
"Umuntu ozothi sesibadala manje. Ngikukhonzile. Angifuni sithandane kodwa ngifuna sizitike ngocansi. Anginankinga. Ngingathi ngikhona. Asizitike ngocansi."
Ebuzwa ukuthi angenzenjani uma esezithola esemthanda loyo muntu, uLerato uthe uma kuyindoda eqotho, angakhuluma nayo.
"Ngeke kodwa sihlale emzini owodwa ngoba angazi ukuthi ngisazoshada yini."
ULerato udalule ukuthi akasiye umuntu ovuma kalula ukuya ocansini nomuntu wesilisa.
"Angilula neze. Kungithatha isikhathi ukwamukela lokho. Yingoba abanye abantu besilisa bakhonze ukudlala." Lo mlingisi uthe akasazimisele ngomshado kodwa akanankinga nomjolo.
ULerato uhlukane nosomahlaya uSiyabonga Radebe, ngo-2017 emuva kokutholakala ukuthi ngabandawonye njengoba uSiyabonga athola ukuthi ungowakwaMthembu. Bahlukanisa nje bese bebusiswe ngezingane ezimbili.
Nakuba kunjalo kodwa uthe angalingeka ashade uma engathola indoda ewuswahla, efundile, enemali futhi ehlekisayo kodwa ingabi ngusomahlaya.
Uthe izingane zakhe zimfakela ingcindezi yokuba azitholele ubabomncane.
"Izolo bezingikhombisa umdlali we-rugby, u-Eben Etzebeth...Ngakho Etzebeth ngithinte ngoba izingane zami ziyakuthanda." Uthe uqale ukuqoma ngoMandla esefunda eWits University ngoba akasitholanga isikhathi sokujola, wayengeke aqome esafunda eSacred Hearts Secondary.
Echaza ngokuphenduka undabamlonyeni kwezinqe zakhe ngesikhathi ehlabane ngomklomelo weBest Actress kumaSafta ngo-Agasti, uLerato uthe wayengaqondile ukugqoka ingubo eyayiveza idilozi. "Ingubo engangingayilungiselelanga lo mcimbi kodwa ngayigqoka ngoba kuphuthuma." Uthe wayigqoka nedilozi ayengaliqondile kodwa avele waligxavuna esikhundleni se-bum short.
Eqhuba uthe umatasatasa nezifundo zakhe kangangoba sekusele kancane enze iziqu zobudokotela emkhakheni wamabhizinisi. Unxuse abantu bakuleli ukuba bagxile ekufundeni ngoba ikusasa laleli lizwe liyantengezela.