NOKUBONGWA PHENYANE
SIKHULU isililo kubalingisi bomdlalo iThe Estate ekhonjiswa kwiSABC1 nakwiS3 njengoba kuvela ukuthi amaholo abo akaze bawathole kusuka ngoNovemba.
Izindaba zokungaholi kwalaba balingisi ziqale ukuvela ezinkundleni zokuxhumana.
Umthombo weSolezwe ongaphakathi kulo mdlalo uveze ukuthi isimo sibi ngaphakathi njengoba bengatshelwa ngesikhathi esiqondile sokuholelwa.
“Sitshelwa uma sekusondele ukuphela kwenyanga ukuthi ngeke size sihole. Yinto lena engeyinhle kunoma ubani njengoba uma kunezinkinga kumele sitshelwe kusenesikhathi, bangavele nje bathule ekubeni thina sibe sihlela ngapha.
“Kusuka ngoNovemba, imiholo asiyitholi abanye abalingisi sebeshiya ubuthaphuthaphu, izinto ziyabheda kakhulu,” kusho umthombo.
Uthe abangakwazi ukuthi inkinga iseSABC noma isenkampanini eqopha umdlalo.
UCaroline Phalakatshela waseSABC uveze ukuthi bazikhokhele zonke izinkampani eziqopha imidlalo ngaphansi kwabo.
“Thina singakuqinisekisa ukuthi umnyango obhekelele ezezimali uyikhokhele inkampani eqopha umdlalo iThe Estate kule sizini ekhonjiswa manje. I-SABC yasayina inkontileka nale nkampani ngesamba semali abavumelana ngaso kuze kuphele isizini kuqale entsha. Ngakho thina akukho sivumelwano noma isibophezelo esinaso nabalingisi noma abasebenzi balo mdlalo.
“Yize iSABC ingaxhumani nalaba basebenzi kodwa kuyasithinta kakhulu ukuthi abawatholile amaholo abo. Ngakho nakanjani sizoxhumana nenkampani eyenza lo mdlalo ukuze sizwe ukuthi yini inkinga?” kusho uCaroline.
Uthe kuyimanje bazoxhumana nenkampani ukubatshela ukuthi kuhamba kanjani ngezinkontileka ezintsha okumele bazivuselele.
“Sizobe sesikhuluma ngazo zonke izinkinga ezithinta iSABC nenkampani eqopha umdlalo ukuya phambili, nazo zonke ke izinkampani ezisebenza neSABC,” kuchaza yena.
UPhill Mphela oyintatheli ezimele, uveze ukuthi imithombo yakhe kulo mdlalo iveze ukuthi babethenjiswe ukuthi bazohola ngoDisemba, 31, baphinde baveza ukuthi bazohola ngoJanuwari, 4 kodwa manje kuvela ukuthi sebethole incwadi ethi bazohola ngoJanuwari 10.
Imizamo yokuthola inkampani eqopha lo mdlalo ayiphumelelanga.
Kuvela lezi zindaba nje, Isolezwe ngoMgqibelo like laveza ukuthi abalingisi bomdlalo iMuvhango nabo babe nenkinga yokungaholi ngonyaka odlule.