BAZOZITIKA ngezinhlelo zesiteshi i-E! Entertainment(124) ebeziyikhethelo esiteshini sakwaDStv abantu abakhokha kancane njengoba lesi siteshi sesizovuleleka kuwona wonke umuntu kusuka ngo-Okthoba 1.
Lokhu kumenyezelwe abakwaMultichoice, abathe bathathe isinqumo sokuthi bavulele wonke umuntu lesi siteshi ukuze bajabulele izinhlelo zabo zekhethelo okukhona kuzo iBlack Pop: Celebrating the Power of Black Culture, Celebrity Game Night, E! News neBotched.
UGeorginah Machiridza, ongumphathi wezinhlelo zobumnandi eziteshini ezahlukene kwiDStv uveze ukuthi kuzothi nje uma siqala ukubonakala kubabukeli baso lesi siteshi, bajabulele amasizini ezinhlelo ezahlukene.
“Siyazi ukuthi lezi zindaba zizobajabulisa kakhulu abantu abakhokha imali esiyibiza ngokuthi i-Access. Sithathe isinqumo esifana nalesi njengoba sifuna ukukhombisa wonke amakhasimende ethu ukuthi siyawathanda futhi siyafuna ukuthi abone konke okwenzeka eziteshini abangenazo. Uma nje beqala ukubona lesi siteshi bazojabulela isizini entsha yohlelo iBlack Pop: Celebrating the Power of Black Culture. Okuhle ngalesi siteshi nathi okusijabulisayo ukuthi sinezinhlelo ezihlukene esingangabazi ukuthi zingajatshulelwa yiwona wonke umuntu,” kuchaza uGeorginah.
Uveze ukuthi bese bebaningi ababukeli abebekhala ngokuthi abakwazi ukubuka uhlelo olwethulwa u-Anele Mdoda iCelebrity Night Game, eyenza kahle njengoba isike yahlabana ngendondo emcimbini wamaSAFTA.
“Kwesinye isikhathi sike sijabulise ababukeli ngokuthi sibavulele zonke iziteshi amasonto ambalwa ikakhulukazi uma kuyisikhathi samaholidi kaKhisimusi. Lokhu kwenza ukuthi babone izinhlelo abangakaze bazibone futhi bazithakasele. Uhlelo olwethulwa u-Anele lukulezo ebezisinika izinkinga njengoba ziningi izikhalo ngalo abantu befuna ukulubona, manje sesifikile leso sikhathi. Impilo yabantu basemazweni ahlukene abazoyibona kulesi siteshi izobashiya nolwazi oluyisimanga,” kuchaza yena.