UMCULI ongumlingisi woZalo, uSandile "Masandi" Mfusi, uthi wayesetshelwe ngudokotela ukuthi ngeke esakwazi ukuhamba emuva kwengozi yemoto eyamehlela eminyakeni edlule. UMasandi, olingisa indawo kaKwanda, uthe indlela ayelimele ngayo engozi kwasekubonwa ngokusa.
"Yingakho ngiqophe le ngoma ethi Ithemba, yingoba ngifuna ukuzibongela kuNkulunkulu ngokungivikela ngize ngibe mngaka. Ngaphandle kwengozi maningi nami amaphutha engiwenzile empilweni kodwa uNkulunkulu wangivikela kubo bonke ubunzima engidlule kubo. Ngale ngoma ngithi uNkulunkulu uyakwazi ukukunikeza ithuba lesibili empilweni, njengoba nami anginika ekubeni abantu base belahle ithemba."
Uthe iculo lakhe likhuluma ngobudlelwano anabo noNkulunkulu njengoba eseyilungu lebandla iCovenant Fellowship Church International (CFCI), egatsheni eliseMbilo eThekwini.
UMasandi uqokwe kumaCrown Gospel Awards emunxeni weBest Newcomer nakoweBest Music Video. Echaza ngokukhethwa kwakhe, uMasandi uthe yize eyithemba ingoma yakhe iNgethembe kodwa ubengakulindele ukuthi izotunyulwa.
"Ngigcwele ukubonga okukhulu, ukuthi abagqugquzeli bamaCrown baliqaphele ikhono lami. Kumele ngikujabulele lokho ngoba ngiyaqala ukuqokwa emqhudelwaneni wezindondo ngihamba ngedwa. Ngagcina ngisacula eqenjini iNiche Fam." Njengoba leli ciko laseMlaza lisheba ukucula nokulingisa, lithe lokhu likwenza kalula ngenxa yokuthi liyakwazi ukuzihlela.
"Khona akusiyo into elula ngoba kuyenzeka uthi usubekisile e-studio ozoqopha kuso umculo, uthole ukuthi uyadingeka emdlalweni wethelevishini ukuthi uzoqopha," kusho uMasandi obuye alingise nasemadlweni oqhakambisa ucansi iBlack Door. Ebuzwa ukuthi usenaye yini umuntu azimisele ngokumenza unkosikazi, uMasandi uthe nakuba esekufisa ukuba naye kodwa usashaywa wukuxinwa yimisebenzi. Ubuye waveza ukuthi okunye asakulindile wukuba abe nengcebo eyanele ukuze engalambisi ingane yabantu.
"Ngeke ngilethe ingane yabantu nami ngingekaneli. Angikwazi ukulanda ingane yabantu emzini okuphilwa kahle kuwo kodwa ngizoyihluphekisa." Uvumile ukuthi ziningi izintombi ezizama ukumlinga lapha emnyango kodwa azichithe ngoba useke wagileka phambilini futhi ubonile nakubanewabo. "Mina ngiyazi manje ukuthi ngifunani empilweni. Ngigxile kukho ukuze ngingaphazanyiswa yizinto ezingathi shu." Mayelana namahlebezi athi ujola nozakwabo, uThuthuka Mthembu, onguNonka kuZalo, uvele wangena ezintangeni.
Akavumanga futhi akaphikanga. Ebuzwa ukuthi yini engacacisi ukuthi bayathandana yini noma qha, uMasandi uthe uyazi ukuthi uma ecacisa kuzolandela ezinye izinkulumo, agcine engathandi ukuzisho, ukuthi ngezani. Kuhluleke ngisho intatheli seyimbuza ukuthi uyazinyeza yini ngoNonka noma usaba ukuthi kukhona abazovumbuka, uvele waphela yinsini maqede wathi wathatha isinqumo sokungaphawuli. Sekuphele inyanga noThuthuka ethintwa kodwa engalubambi ucingo futhi engayiphenduli nemiyalezo. Okwenza inkukhu isole umgqakazo wukuthi laba balingisi babonakala behamba ndawonye emngcwabeni kazakwabo, uMandisa Mngeni. Emuva kwawo, kuthiwa uThuthuka wabe esefaka isithombe kwiWhatsApp maqede wabhala ukuthi "isoka nami".
Eminye imithombo icashunwe ithi basothandweni oluvutha amalangabi kodwa kabafuni kwazeka yize behluleka ukufihla. Kusolwa ukuthi yindawo abayidlalayo, eyenze bagcina sebejola ngempela.