KUVAMISILE ukuthi osaziwayo uma sebedumile bahambele kude nemiphakathi abakhulele kuyo. Umlingisi woMkhokha: The Curse futhi ongumsakazi weGagasi FM, uHope Mbele, uhlela ukuyobuyisela emphakathini wangakubo namhlanje.
UHope (27), odabuka eMthwalume, uzohlomisa abafundi ngolwazi namhlanje kusukela ngo-10 ekuseni, eBlue Marlin Hotel, eScottburg.
UHope uyintokazi eyisibonelo esihle ebantwini abasha bangakubo ngenxa yokuziphatha kahle nokusebenza ngokuzikhandla. Ngaphandle kokulingisa indawo kaMabusi, uHope usebuya kwiMetro FM, nakuZalo.
Okhulumela abagqugquzeli bomcimbi u-Amanda Sokhela, ukuqinisekisile ukuthi uHope uzobe ekhuthaza abafundi njengoba bezoxhaswa ngomfundaze yiMathulini Communal Property Association CPA).
U-Amanda uthe bazonikezela izitshudeni ezinhlanu ngomfundaze weminyaka emine wokufunda esikhungweni semfundo ephakeme.
Uchaza kanje u-Amanda:“Umfundaze unikezelwa ezitshudenini ezintula imali neziphumelela izifundo ngamalengiso ezihlala ngaphansi kwesizwe saseMathulini, eMthwalume, eningizimu yoGu laKwaZulu-Natal.”
Waqhuba wathi umfundaze wabo ubhekelela abafundi abenza izifundo zezolimo, Information Technology, Finance and Accounting, Mechanical engineering, Business Management, Human Resources, Real Estate neProperty Management.
“Umfundi ngamunye kulaba abahlanu, uzohlomula ilaptop ezokwenza uhambo lwakhe lwasenyuvesi lube.”
U-Amanda uthe imifundaze ikhokhela ukufunda, indawo yokuhlala nemali ewuR100 000 yonyaka wonke kumfundi ngamunye.
“IMCPA izosiza ezinye izitshudeni eziwu-12 ngemali yokubhalisa ewuR6000 yokufundela nanoma yimuphi umsebenzi okhethwe ngumfundi. Isitshudeni esithole amamaki amakhulu ezifundweni zazo kulo nyaka sizothola umfundaze ogcwele onyakeni wesibili. Sewuwonke umfundaze weminyaka emine ubiza uR2.5 million.”