UMLINGISI wodumo lukaZodwa kwiGomora, uSanna Mchunu, unxuse abantu ukuba bamthandazise ukuze athole omunye umsebenzi. USanna (51), ungomunye wabalingisi abangaconsi phansi kuleli, ukhulume kanje emuva kokuphelelwa ngumsebenzi wokulingisa kwiGomora.
"Usuku lokugcina namhlanje lapho siqophela khona. Kwaze kwabuhlungu. Ngicela ningikhulekise bangani bami abahle (ukuze) kuvuleke eminye iminyango," kubalisa uSanna, ekhasini lakhe le-Instagram.
Uqale ngokubonga inkampani eqopha lo mdlalo iSeriti, ngomnikeza ithuba lokuqhakambisa ikhono lakhe.
"Ngiyabonga kakhulu bangani bami emakhaya ngokungisekela nanothando eningiphe lona."
USanna wazakhela udumo emdlalweni wethelevishini owuchungechunge iMuvhango, elingisa indawo kaNomarashiya.
Kusukela lapho akabange esabheka emuva ngoba wadlala indawo kaGrace Letsoalo kwiVuka Mawulele, maqede wadlulela kwiGenerations, Hope, Isibaya, Keeping The Score, Rhythm City, Ihawu, End Game, It's Complicated, Amagugu, Ngempela, Gauteng Maboneng, Ses'Top La, Shabangu PI neRing of Lies. Bakhona nabanye abalingisi abakhale esikaNandi, ngesikhathi besonga ukuqopha umdlalo.
*Yize ukuqopha kwiGomora kusongwe ngeledlule kodwa isiqephu sokugcina sizodlala ngo-Okthoba 20, kwiMzansi Magic.