USEKHONJWE indlela kwiMoja Love umethuli wohlelo obelwa nezidakamizwa kuleli, uXolani Nxumalo. Izindaba zokugqabuka kwegoda phakathi kukaXolani weSizok'thola neMoja Love ziqinisekiswe ngokhulumela lesi siteshi sethelevishini esikuDStv 157, uNonzwakazi Cekete.
Ebuzwa ngembangela yokuhamba kukaXolani, uNonzwakazi uvele wathi iMoja Love ngeke isaphawula lutho ngezindaba ezimayelana naye okwamanje.
"Simfisela konke okuhle ekusaseni lakhe," kuphetha uNonzwakazi. Imizamo yokuthola ukuphawula kukaXolani ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Kwenzeka lokhu nje uXolani usagqigqa eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge, eGoli. Lo methuli wezinhlelo ungaphandle ngebheyili kaR20 000 emuva kokuzinikela emaphoyiseni aseKatlehong North ngoSepthemba ngenxa yezinsolo zokubandakanyeka kwakhe ekufeni kosolwa ngokuba wumshushumbisi wezidakamizwa, uMnuz Robert Varrie.
Kusolwa ukuthi uVarrie washona ngesikhathi kuqoshwa uhlelo lukaXolani ngoJulayi. UXolani kulindeleke ukuba abuyele enkantolo ngoNovemba 21.