KUPHELILE ukuqagela ngekusasa lomlingisi, uNkosinathi "Naymaps" Maphalala, kuMkhokha The Curse.
Ngesonto eledlule amaphaphu abephezulu ezibukelini zalo mdlalo ngenxa yokunyamalala kwendawo elingiswa nguNaymaps kuwona okhonjiswa kuMzansi Magic, phakathi nezinsuku ngo-8.30 ebusuku, kaSphamandla "Umkhululi" Mthembu.
Ngokomdlalo uMkhululi uthathwe entabeni wuMthembu, okunguyise ongumsunguli webandla lamaJudiya.
Lokho kwenze omanalaphangikutshele bathola into abazophuza ngayo itiye njengoba bese belala bevuka ngalolu daba. Iningi belithi ijazi ligcwale umoya kuNaymaps ngenxa yalokhu nalokhuya.
Isolezwe lithinte aboMzansi Magic, ukuthola kabanzi ukuthi kwenzekani ngendawo kaNaymaps njengoba engabonwa nangokhalo umuntu amlingisayo kulo mdlalo.
Okhulumela lesi siteshi esikwi-DStv 161, uPortia Hlongwane, uthe kungamampunge ukuthi uNaymaps useyashiya kuMkhokha.
"I-Rhythm World ingakuqinisekisa ukuthi uNaymaps usenesivumelwano noMkhokha The Curse. Uzobe eqopha kulo mdlalo kuleli sonto," kushaya ngezinqamulelayo uPortia.
Ongomunye wababhali kulo mdlalo, othe akavumelekile ukukhuluma nabezindaba ikakhulu ngokusuke kusazokwenzeka eziqeshini, uthe izibukeli azilindele ingwiji ngalo mlingisi. Uthe ngeke akwazi ukuyichaza, kodwa yona izoba khona.
Imizamo yokuzwa ukuphawula kwalo mlingisi ayiphumelelanga njengoba abengatholakali kanti nemiyalezo abengayiphenduli.
Ephawula ngolunye usuku ngale ndawo kaMkhululi, uNaymaps wathi iyamthinta kakhulu emoyeni ngoba ziningi izinto ezifanayo phakathi kwakhe noMkhululi.
Waveza ukuthi nakubo eSoshanguve, ePretoria kunebandla alihola nonina, i-Agape Terhila Worship Centre.
Waze wathi le ndawo imguqulile njengoba sekunabantu abaze baguqe phambi kwakhe befuna ababeke izandla, ngenhloso yokubakhulekela ngoba bekholwa wukuthi unamandla njengoMkhululi.
Ngaphandle kokulingisa, uNaymaps ubuye abe wumculi we-R&B osekhiphe inqwaba yemicu.