KUHLEZI kuyinselelo enkulu kubadidiyeli ukuhlanganisa ibhayisikobhoko efanelwe wukubukwa futhi ijabulise umndeni wonke kuthi ngesikhathi esifanayo, uwashiye engawuvali umlomo lawo malungu okuyiwo okuqondenwe nawo ngqo.
Lokhu kuphinde kwangifikela ngiyobuka i-Paw Patrol - The Mighty Movie, okungafuniselwa ukuthi ngeyodado ukusuka nokuhlala.
Ngenhlanhla isimemo sabakwa-UIPSA, besingesabantu abane nokungisize ngabophela ithimba elihlobe ngamahlokohloko amathathu eminyaka eyahlukene.
Bengiphethe umnikazi waso isithombe, udado weminyaka emithathu, bese kuba ngabadadlana, oneminyaka eyisishiyagalolunye nonengu-12.
Kusheshe kwangicacela ukuthi akayizwa indaba yale bhayisikobho lo weminyaka engu-12, kubuye-ke yintombazanyana esiqala nokuficwa yisigaba sokuzibona kahle.
Lo ophakathi nendawo uyilandelile impela futhi ubeyiqonda kodwa bekungengako ukuyijabulela.
Hhawu suka madoda, inkunzimalanga le engudado, yenze ngqo lokhu okulindelwe ngabadidiyeli bayo.
Ibigxuma nabagxumayo, idubula nabadubulayo, indiza nabandizayo njalonjalo.
Kusale ukubakaza kulezi ezindadlana uma sengixoxa eyokuthi kubalingisi kukhona noMarsai Martin, odlala indawo kaDiane kwiBlackIsh kwiBET ngokunjalo noKim Kardashian.
I-Mighty Movie ingeyesithathu ochungechungeni lwePaw Patrol kanti ididiyelwe ngabakwaSpin Master Entertainment, Nickelodeon Movies neParamount Pictures.
Ele-Mighty Movie lisuka ekutheni le midlwane engamaqhawe omphakathi ithole imilingo eyahlukene njengokundiza nokuba namandla ayisimanga, wukuphenduka amanzi, wukuba nesivinini sonyazi njalonjalo.
Lokhu kwenzeka ngenxa yokuganga kukasosayensi ofuna ukuphatha umhlaba odlalwa nguTaraji P Henson.
Akubuzwa-ke ukuthi uwafuna ebuye ngakuye la mandla ukuze ezoqhubeka nemigilingwane yokubusa umhlaba.
Ingabukwa ngumndeni wonke kodwa imakethe yayo, ngodado kanti iyaphuma namhlanje emacinema.