UMLINGISI odabuka eMgungundlovu kodwa osezinze e-USA, uThuso Nokwanda Mbedu, ugqugquzele amaciko akuleli ukuba asebenzise amakhono awo ukuveza ukunotha nokuhlukana kwamagugu akuleli.
UThuso (32) ukhulume kanje emuva kokuhlabana ngendondo yoBubuntu Arts and Cultural Diplomacy Award (Youth) kuma-2024 8th Ubuntu Awards eCape Town International Convention Centre ngoMgqibelo.
Kulo munxa, uThuso beqhathwe nomculi wesifazane wakuleli, u-Elaine Nakuba uThuso abengekho emcimbini kodwa inkulumo yakhe ifundwe yimenenja yakhe kuleli, u-Anna Hlalele.
Emyalezweni uThuso ubonge izingwazi zakuleli okuyizo ezingamavulandlela ekuqhakambiseni iNingizimu Afrika, eHollywood.
"Asisebenzise le nkundla ukuxoxa Izindaba ezizogqugquzela futhi zilekelele ekwenzeni ubungcono emhlabeni."
Uthe abasebenzisi ubuciko babo ukujabulisa kuphela kodwa babusebenzisa nasekubhodlozeni izindonga ezivimbe impumelelo.
"Emhlabeni wamafilimu nezokungcebeleka, sinamandla okulungisa inkulumo engasilo iqiniso. Lo mklomelo uwubufakazi bokuthi umkhakha wokuxoxa izindaba ungawenza umehluko emhlabeni," kusho uThuso owaqala ukwaziwa emkhakheni wokulingisa ngokulingisa kwiSibaya, Snake Park, Saints and Sinners, Generations The Legacy nakwiScandal.
Uqale ukuvelela eselingisa indawo kaWinnie kwiS'thunzi ngo-2016.
Ngonyaka olandelayo wabe eseqokwa emqhudelwaneni womhlaba kuma-Emmy Awards, emunxeni weBest Performance by an Actress.
Kwathi ngo-2021 wathola ithuba lokulingisa emdlalweni waphesheya, iThe Underground Railroad, enguCora nakwiThe Woman King.
Nyakenye uqokwe waba yinxusa nomkhulumeli we-L'Oréal eSub-Saharan Africa.
*Kweminye iminxa kuBauntu Awards kuhambe kanje: Dkt John Kani- Ubuntu Arts And Cultural Diplomacy Award (Veteran), Janine van Wyk- Ubuntu Sports Diplomacy Award, Siya Kolisi- Ubuntu Sports Diplomacy Award, MaXhosa Africa- Ubuntu Economic Diplomacy Award (Global), Ncumisa Mkabile- Ubuntu Youth Diplomacy Award nabanye.
Umcimbi bewuhanjelwe nayiPhini likaMemgameli, uMnuz Paul Mashatile, uNgqongqoshe wezoBudlelwana namazwe omhlaba uNkk Naledi Pandor nePhini lakhe uNkk Candith Mashego-Dlamini.