Ngesikhathi i-Generations: The Legacy ilungiselela ukuqala kwesizini yayo entsha ngoMsombuluko, iyaqhubeka nokumiswa kabi yizinhlelo zakwi-e.tv ngokuba wumdlalo wesibili ukubukwa kakhulu njengoba ziphinde zayehlula inyanga yesibili kulandelana.
I-Generations, ekhonjiswa ngo-8 ebusuku phakathi nesonto kwiSABC 1, ike yaba yiwona mdlalo oqengqeleza phambili ngesibalo sababukeli eNingizimu Afrika iminyaka.
Izinto zijike sekufika Uzalo oludlala kusona lesi siteshi ngemuva kwayo, kwaba yilo oluhleli esicongweni.
Izibalo zango-Okthoba ezishicilelwe kwiBroadcast Research Council of South Africa, zikhomba ukuthi Uzalo lunababukeli abangu-6 177 811. Lulandelwa yi-Scandal! esinababukeli abangu-5 604 108 ne-House of Zwide enabangu-5 115 995.
Lokhu kubeka i-Generations endaweni yesine ngo-4 786 201.
NgoSepthemba, khona Uzalo lwalunababukeli abangu-5 139 747, i-Scandal! sinabangu-4 420 503, i-House of Zwide inabangu-4 142 390 bese kuthi i-Generations ilandele ngo-4 140 551.
Nango-Agasti, yayisendaweni yesine ilandela Uzalo, Scandal! neSkeem Saam.
Muva nje, i-Generations isanda kubuyisa izilomo zayo zakudala uConnie Ferguson onguKarabo Moroka noRapulana Seiphemo olingisa indawo kaTau. Kujoyine nomunye umlingisi odumile u-Aubrey Poo onguKhumo.
NgoMsombuluko, kuzoqala isizini entsha ye-Generations futhi sekuqinisekisiwe ukuthi yibaphi abalingisi abahambayo.
Abashiyayo ngoBuntu Petse odlala indawo kaNontle, Karabo Maseko onguLuyolo, Zizipho Buti onguTracy noRebaone Kgosimore onguPaul.
“Sizobakhumbula futhi sibafisela konke okuhle kwabazokwenza ngomuso. Abalingiswa oNontle, Luyolo, Tracy noPaul bazoqhubeka nokubonakala kuze kube yisekupheleni kukaNovemba, lapho izindawo zabo ziphela ngendlela ezomangaza abaningi,” kusho abezokuxhumana eziteshini zethelevishini kwaSABC.