ABEMZANSI Magic Music banethemba lokuthi luzogqamisa amaciko abesifazane ababambe iqhaza elibalulekile emculweni, uhlelo olusha iThrough Her Story, oluqale ukukhonjiswa kusuka ngesonto.
Uhlelo ludlala ngo-4 ntambama kulesi siteshi esikwiDStv, channel 321.
AbeDStv bathi, inhloso yohlelo ukukhombisa ukuzinikela kwabo ekuhlonipheni abesifazane abanethalente futhi naba nomthelela obonakalayo emculweni.
Luzoveza uhambo lomculi ngamunye, okubalwa uNomfundo Moh, ilungu leMafikizolo uNhlanhla Mafu, uBusiswa, nelungu leThe Soil, uBuhlebendalo.
“Uhlelo luyindlela esigubha ngayo uhambo lwabo nomthelela ababe nawo kanjalo nokukhombisa ukuzinikela kweMzansi Magic Music ekubeni seqhulwini lokuveza izindaba e-Afrika,” kusho uShirley Adonisi, ongomunye wabaqondisi eMnet.
Uqhube wathi kumele abantu bahloniphe amaciko abesifazane futhi bagqugquzelwe yimpilo yabo.
UNomfundo Moh, odabuka eNdwedwe, ufike kwezwakala emculweni ngoba umculo wakhe uyintandokazi futhi uwola nezindondo. Uzakhele ugazi ngezingoma okubalwa kuzo ethi Phakade Lami, Soft Life nezinye.
UBuhlebendalo usanda kukhipha ingoma entsha ethi Ilembe ekwi-albhamu yomdlalo wethelevishini, iShaka Ilembe. Iqembu acula kulo iThe Soil, kwavela ukuthi lisezinhlelweni zokukhipha umculo omusha.
Kulezi zinsuku uNhlanhla, ulungiselela umjikelezo weqembu eligubha iminyaka engu-26 lasungulwa. Umjikelezo, obizwa nge-Idwala Live Experience, uzoba ngo-Agasti 26, eGold Reef City, eGoli.
Ngakolunye uhlangothi, uBusiswa usanda kudalula ukuthi uphezu komshikashika esistudiyo.