UZOBA yingxenye yokuqoshwa komdlalo waseZambia owesifazane osamncane waseNingizimu Afrika, osezakhele igama uma kukhulunywa ngokuqoshwa kwamafilimi.
UNksz Bongekile Madlala (27) ukhethwe yinkampani yaseZambia, iHouse of Films ukuba azoqopha eminye yemidlalo emqoka ezobonakala kulona lonke izwekazi i-Afrika.
Umdlalo azoba wumqondisi wawo ubizwa ngokuthi yiLove You Till Death.''
Umayelana nentombazanyane okumele ikhethe phakathi komfana ekhule ithandana naye, nowesilisa oyisiza kakhulu ngezezimali.
Lo mdlalo usungulwe nguSimmy Masuku, wabhalwa ngomunye wababhali abanohlonze osezakhele igama elikhulu, uPaul Wilo.
Emdlalweni le ntokazi izobe isebenzisana nezinkakha kwezokulingisa, okubalwa kuzo u-Anne Katamanda, Wilfred Haore noNancy Phiri.
Ngo-Okthoba 1, amabombo izowabhekise khona eLusaka, eZambia ngenhloso yokuyoqala ukuqopha umdlalo.
Le ntokazi iphinde isebenzisane nenkampani evumbulula abalingisi, iMukashi Casting Ageny.
"Kuyinto enkulu kimina ukuthola ingqayizivele yethuba lokuba ngibe yingxenye yokuyoqopha lo mdlalo eZambia. Ngiyambonga kakhulu uNkulunkulu. Lokhu kusho lukhuni kimina,''usho kanjena.
Uveze ukuthi uneziqu zeFilm and Video Production azizuza eCreative Arts. Uthe ungumuntu onentshisekelo uma kukhulunywa ngezokoqoshwa kwamafilimi.
Uphosele nabantu abasha inselelo yokuba bangabi madolonzima uma becabanga ngokungena emkhakheni akuwo.
Ngokusho kwakhe, asekhona amathuba okuba abantu abasha baseNingizimu Afrika bakwazi ukuzibonakilisa.
Ugcizelele ukuthi eminyakeni ezayo ufuna ukuzibona edlondlobala ngokuphindiwe emkhakheni akuwona.
Uzichaze njengowesifazane osemncane kodwa ongayesabi inselelo, wathi lokhu yikhona okuholele ekutheni avumele phezulu uma enikezwa ithuba.
Ngokuzalwa ungowaKwaMadlala, ePort Shepstone ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal.