IFILIMU engaconsi phansi kubathandi bobumnandi iFast & Furious ikhuza ibuya okokugcina okweshumi ngoLwesihlanu lwangoMeyi 19. Yize sekuphele iminyaka engu-30 le filimu ilokhu ilokhu isina iphindelela kodwa isenewozawoza kubathandi bezokungcebeleka. Abalingisi abakhuza ibuya ngoMichelle Rodriguez, Tyrese Gibson, Chris "Ludacris" Bridges, Nathalie Emmanuel, Jordana Brewster, Jason Statham, John Cena, Scott Eastwood, Helen Mirren noCharlize Theron. Ngokusho kwesitatimende, le filimu ikuthatha ikubeke ngoDom Toretto (Vin Diesel) nomndeni wakhe baqumba phansi noma yisiphi isitha esizama ukuma endleleni yabo. Kulokhu bazithela kwimbangi eyingozi kakhulu kunalezo abake bahlangabezana nazo. Lesi sitha singezinye zezimbangi abake bathusana nazo eminyakeni eyedlule, ezizimisele ngokuziphindisela nokuqeda konke ngomndeni kaDom.
Ngo-2011 iFast 5, uDom nethimba lakhe babhekana ngqo nomshushumbisi wezidakamizwa waseBrazil, uHerman Reyes, maqede baqumbe phansi umbuso wakhe ebhulohweni laseRio De Janeiro.
"Babengazi ukuthi indodana kaReyes, uDante (okuyindawo elingiswa wuJason Momoa wodumo kwi-Aquaman), ibona konke futhi yachitha iminyaka ngu-12, ihlela itulo lokuphindiselela uyise kuDom. Iqhinga likaDante ukuhlakaza umndeni kaDom, usuka eLos Angeles, kuye eRome. Kusuka eBrazil kuya eLondon. Kusuka ePortugal kuya e-Antarctica." Siqhuba isitatimende sithi abangani abasha bazokwenziwa bese izitha ezindala zivumbuka.
"Izinto zizoguquka uma uDom ethola ukuthi indodana yakhe eneminyaka engu-18 (okuyindawo elingiswa nguLeo Abelo Perry wodumo kwiBlack-sh) ifunwa uthuli nguDante.