UHLELO lwentokazi esizakhele udumo ngokudansa ingadilozile, uZodwa Wabantu Libram, luzulelwa ngamanqe njengoba kunababukeli abafuna luqedwe emoyeni.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi abelaphi bendabuko abangaphansi kwenhlangano iTraditional Healers' Organisation (THO) bagcwale imigwaqo, baqonda ngqo emahhovisi esiteshi sethelevishini iMoja Love (DStv Channel 157) ngoLwesihlanu, bebhikishela ukuvezwa kohlelo lukaZodwa oluthi Zodwa Wabantu Uncensored.
Abelaphi bendabuko ebebehla ngomgwaqo uBaker Street, belibhekise emahhovisi eMoja Love aseRosebank Mall, eGoli, bebegida futhi behlabelela bethi bakhathele yizinhlelo eziveza izangoma-mbumbulu ngoba zehlisa isithunzi sabelaphi bendabuko, ikakhulukazi izangoma zangempela ngakho zifuna iMoja Love iziqede izinhlelo zezangoma.
Okhulumela i-THO, uZanele Mazibuko, ucashunwe ethi izinhlelo abangazifuni nalapho zihambe khona ngolukaZodwa Wabantu, olukaGogo Maweni noluthi Fake Gobela.
Uthe akuzona izangoma zangempela ezivela kulezi zinhlelo kodwa ngosomahlaya abalimaza isithunzi sezangoma zangempela. Uthe okunye okubaphatha kabi kakhulu wukuthi ezinye zalezi zangoma zithi zingamalungu e-THO futhi abantu abasazithembi izangoma zangempela ngenxa yokuthi sebeqolwe kakhulu yizangoma-mbumbulu.
Isolezwe Ngempelasonto libe selithinta oyiNhloko kwezokuXhumana kwiMoja Love TV Channels, uNksz Nonzwakazi Cekete, okuqinisekisile ukuthi zibhikishile izangoma emahhovisi alesi siteshi.
"Siyayihlonipha imibono yabantu esibambisene nano futhi siyakwemukela ukugxekwa lapho kunesidingo khona. Silutholile uhlu lwezikhalazo futhi sisazoluphendula," kushaya ngezinqamulelayo, uNksz Cekete.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaZodwa Wabantu ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.