AHOXISIWE amacala abebhekene nomlingisi owazakhela udumo kwiGenerations, uSonia Mbele, kulandela ukukhokha kwakhe imali abevuma ngayo icala lenkampani yakhe, iReal Housewives of Johannesburg Pty Ltd, eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngoLwesihlanu.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi uSonia (46), owayelingisa indawo kaNtombi Khumalo kulo mdlalo osakazwa kuSABC 1, ukhokhe uR41 000 ngoLwesithathu maqede icala, abebhekene nalo nabanye abaqondisi bale nkampani, uYolisa Ngqunta noRebone Sesing, lahoxiswa.
Kuthiwa ukhokhe uR1 000 ngecala ngalinye kwawu-41 ebebebhekene nawo, okubalwa kuwo ukufaka amaphepha entela ebizwa nge-income tax kusukela ngo-2019 kuya ku-2022, ukungafaki amaphepha entela ebizwa ngeValue Added Tax (VAT) kusukela ngo-2020 kuya ku-2022 nokufaka amaphepha entela ebizwa ngePay As You Earn (PAYE) kusukela ku-2020 kuya ku-2022.
Bekungokokuqala uSonia evela phambi kwale nkantolo njengoba ephuthe khona kwaze kwaba kabili ngenxa yokugula ngaphambi kokunqunyelwa ugwayi katiki.
Nakuba kunjalo kodwa ozakwabo bakaSonia, uYolisa noRebone, bebelokhu befika enkantolo ukuzathamela icala ababhekene nalo lokudoja ukukhokha imali yentela.
Ekhuluma nezintatheli ngaphandle kwenkantolo, okhulumela uPhiko lwezokuShushiswa kuZwelonke eGauteng, uPhindi Mjonondwane, wathi incwadi egunyaza ukuba uSonia aboshwe yabuye yahoxiswa aze avele ngo-Okthoba 20.
Eqhuba wathi usenqunyelwe ugwayi katiki ukuba angaphinde aphuthe ngoba usezokhalelwa ngamasongo kaSigonyela.