OBENGUMETHULI wohlelo iSizokuthola kuMoja Love, uXolani Khumalo, usedalule ukuthi akasezwani nobizo wakhe abengamathe nolimu naye, uXolani Maphanga weX-Repo.
Ekhuluma kwiPodcast and Chill with MacG, uKhumalo uthe bakhule ndawonye noMaphanga futhi uhlelo iX-Repo kwakuwumqondo wabo.
“Ngesikhathi sisengama-bouncer, kwaqala yena, ngabe sengilandela. Saqhamuka nohlelo, saba mnandi."
Uthe lolu hlelo balususela entweni ababeyenza lapho babehlala khona ngaphambi kokuthatha isinqumo sokwenza uhlelo.
UKhumalo uthe iX-Repo bayidayisela iMoja Love maqede baba bomvu yimali.
UKhumalo usole ukuthi kungenzeka ukuthi kunabathize asebenqabele uMaphanga ukuba akhulume naye.
"Sike sixhumane kodwa akusafani njengakuqala. Ngisola kukhona into abambhemise yona. Angisho ukubhema (ugwayi). Ngingathi kunabantu abangavunyelwe ukukhuluma nami. Siyabonana, sixoxe kodwa akusafani nasekuqaleni. Ngiyasola kukhona okushaya amanzi."
UKhumalo uthe ukungaxhumani nabantu abesebenza nabo kwiMoja Love kuqale ngesikhathi ekhonjwa indlela kwiMoja Love.
"Ngesikhathi sengixoshiwe abaphathi babengasafuni ukubamba izingcingo zami."
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaMaphanga ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Echaza ngokuxoshwa kwakhe uthe wezwa ngentatheli seyimfonela, imazisa ukuthi uxoshiwe.
Uthe washaqeka ngoba wayesanda kuhlangana nabaphathi balesi siteshi bavumelana ngoSeason 3, nangemali ayesezoyithola. "Indaba yasuswa ukutholakala ukuthi ngineXolani Khumalo Foundation, bathi bengasebenza nami kuphela uma ngiqeda ngale-foundation. Bafuna nokwazi ukuthi ngobani abaqondisi bayo."
Njengamanje uKhumalo ungaphandle ngebheyili ka-R20 000 futhi ugqigqa eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge, eKatlehong ngezinsolo zokubulala uMnuz Robert Varrie ngoJulayi 19, 2023 ngesikhathi kuqoshwa iSizokuthola.
NgoLwesine ubevele enkantolo kodwa icala lahlehliselwa u-Ephreli 11 ngenxa yokungabikhona kwe-video eveza okwenzeka ngosuku lwesigameko.
Esephetha uKhumalo uthe kunohlelo oluzayo azolenza ngaphansi kwe-foundation yakhe olusihloko sithi: Slyza Tsotsi, oluzokwenza umsebenzi ofana ncamashi neSizok'thola kodwa usaxoxisana nesiteshi oluzosakazwa kuso.
*Khonamanjalo iMoja Love imemezele ukuthi uMaphanga uyena osezovala isikhala sikaKhumalo kwiSizok’thola.