OBENGUMETHULI wohlelo lwethelevishini olusanda kuqedwa iReal Gobhoza, uzifake obishini kuMhlobo Wenene kungakapheli nenyanga eqashiwe.
USamora Mangesi ukhishwe emoyeni esematasa esakaza uhlelo lwakhe iQonga Labatsha ngoMgqibelo owedlule, ngenxa yezinsolo zokuthi ubephuze utshwala ebe esakaza.
Amahlebezi okuthi uSamora ufike emsebenzini ebukhile aqalwe ngukudingidwa ngabalaleli balolu hlelo oluqala ngo-6 ebusuku. Obekubenza bashaye amakhala yindlela uSamora abebhudazela ngayo emoyeni.
Yize abanye bebemgxeka uSamora ngokusakaza edle amanzi amponjwana kodwa abanye bebemdabukela, bethi uzolahlekelwa wumsebenzi ekubeni eqale ngo-Ephreli 1, kuMhlobo Wenene futhi esanda kuphelelwa ngomunye umsebenzi kwiSABC 1.
Abanye bebethi “uzenzile akakhalelwa kodwa kukhalelwa uzumekile”.
Nebala izikhalo zabalaleli zigcine zifinyelele kubaphathi balo msakazo, okuyibo abamyalele ukuba aphume emoyeni ngesikhathi esasakaza e-studio salesi siteshi esiGoli.
Ekhuluma neSolezwe, oyisikhulu sakwaSABC ophikweni lwezokuxhumana nezokukhangisa, uGugu Ntuli, akaphumelanga obala ngalezi zinsolo kodwa uvele washona ezintangeni.
"Izikhulu zoMhlobo Wenene FM zingakuqinisekisa ukuthi udaba oluthinta uMnuz Mangesi lusengaphansi kophenyo futhi ngeke ziphawule kabanzi ngalo ngoba luthinta ubudlelwane phakathi komqashi nomqashwa," kushaya ngezinqamulelayo uGugu.
USamora ube esexolisa emndenini, kubangani, ozakwabo nakubalaleli boMhlobo Wenene ngalesi sigameko.Uthe zimphathe kabi izinkulumo zabalaleli ezithi udlala ngethuba anikezwe lona.
"Abangilandelayo ezinkundleni zokuxhumana bazi kahle ukuthi ngalezo zinsuku bengigula. Yize ngingakabi ngcono, kuyavuka uma izulu lingelihle. Ngibe sengidla imithi ebukeke ingangisizi ngalutho noma ingangelaphi ngokushesha. Ngenxa yokuthi bengifuna ukungaphuthi ohlelweni, ngibe sengengeza eminye imithi obekuwubulima."
Uthe yiyona emenze wazwakala sengathi uphuzile emoyeni. Uthe usekhulumile nabaphethe futhi wabakhombisa nobufakazi. Esephetha, uthe abalaleli mabamlindele ngoMeyi 7, ngoba usafuna ukululama ngokugcwele.