UMSAKAZI wohlelo lwasekuseni phakathi nesonto kwiRadio 2000, uBongani Mtolo, umemezele ukuthi uyashiya kulesi siteshi.
UMSAKAZI wohlelo lwasekuseni phakathi nesonto kwiRadio 2000, uBongani Mtolo, umemezele ukuthi uyashiya kulesi siteshi.
UBongani uthula uhlelo i-The Take Off ngo-6 kuya ku-9 phakathi nesonto.
Ukhiphe isitatimende lapho eveze khona ukuthi uthathe isinqumo sokungayivuseleli inkontileka yakhe futhi lena yinyanga yakhe yokugcina.
“Ngiyabonga ethimbeni lami uNala, Lonwabo, Thabo, Dineo no-Aviwe. Siqokwe njengohlelo lwasekuseni oluhamba phambili kulandelana kumaLiberty Radio Awards namanje kusaphethe thina,” kusho uBongani.
“Uhlelo lwenza imali, luheha abakhangisi nokuthi kukhulunywe ngalo. Into engiziqhenya ngayo kakhulu ukuthi sibe nesikhathi esimnandi.”
UBongani ujoyine iRadio 2000 ngo-2020 ezovala isikhala sikaPhat Joe. Wayesuka kwi-East Coast Radio lapho ashiya khona esezakhele udumo esakaza uhlelo lwantambama phakathi nesonto futhi ewola nezindondo kumaRadio Awards.
Umkhulumeli weSABC obambile, uMmoni Seapolelo, uthe: “Abaphathi beRadio 2000 bengakuqinisekisa ukuthi ngebhadi uBongani MTolo unqume ukungabi yingxenye yezinhlelo zesiteshi.”
Uthe bamfisela okuhle futhi iRadio 2000 izomemezela uhla lwezinhlelo oluphelele ngokuhamba kwesikhathi.