Abalandeli be-Orlando Pirates bakhalele kumlingisi uNatasha Thahane ngokuhamba kwesilomo somdlali uThembimnkosi “Nyoso” Lorch kuleli qembu wajoyina iMamelodi Sundowns.
Izindaba zokujona kukaLorch ziqinisekiswe yiSundowns ezinkundleni zokuxhumana ngoMgqibelo ekuseni njengoba ngoLwesihlanu bekuvalwa iwindi lokuhwebelana ngabadlali lamaphakathi nesizini.
UNatasha noLorch basolwa ngokuba yizithandani yize bengakaze babuqinisekise ubudlelwano babo emphakathini.
NgoMgqibelo ntambama uNatasha ufake isithombe emamatheka egqoke izimpahla ezingathi ziphuzi ekhasini lakhe lika-Instagram. Umbala ophuzi ugqokwa yiSundowns eze iteketiswe keKa Bo Yellow.
Akuphelanga sikhathi esingakanani abantu baphawula kuso bekhala ngokuhamba kukaLorch obeyintandokazi yabalandeli beZimnyama.
“Mama ibuhlungu into esiyenziwe ngubaba,” kubhala uMpongoshe2.
UBandie Zulu uthe uNatasha usefaka izimpahla eziphuzi manje.
“Cela ukhulume nobabakhe ashinntshe umqondo,” kubhala uCnakhotheoriginal efake nesithombe sobuso obukhalayo.
UXabzin.sa ubhale ukuthi: “Sicela usincengela kubhuti ashintshe umqondo.”
NgeSonto ekuseni bese kuphawulwe amahlandla angaphezu kuka-656 kulesi sithombe ku-Instagram.
NgoMgqibelo uLorch ukhiphe isitatimende lapho ebonge khona uSihlalo wePirates, u-Irvin Khoza, ngokumnika ithuba lokudlalela leli qembu elinomlando.
“Ngiyabonga kumqeqeshi uJosé Riveiro ngokukholelwa kimi nabaqeqeshi abadala nabakhona manje, abaphathi bonke nozakwethu ngomlando esiwuqophile ndawonye.”
Ubonge nabalandeli wabe esethi ukubheke ngabomvu ukuqala ikhasi elisha neSundowns. Uthembise ukweseka ozakwabo nokufaka isandla empumelelweni yeqembu.