UGCINE ungathengwa umuzi womlingisi uMotheri Terry Pheto, obekumele udayiswe endalini izolo.
Umuzi walo mlingisi oseBryanston ufakwe endalini izolo ngemuva kophenyo lweSpecial Investigating Unit (SIU), olwaveza ukuthi wathola imali eyakhwatshaniswa kwiNational Lottery Commission(NLC).
UKaizer Kganyago okhulumela iSIU, uveze ukuthi umuzi awuthengwanga izolo kodwa basalinde ukuzwa isinyathelo esilandelayo ngabadayisa umuzi.
"Thina sesilinde ukuzwa ngabadayisayo isinqumo esilandelayo, okwethu wukuthi sithole imali ezodayiswa ngawo. Ngakho ekuhambeni kwesikhathi sizoqhubeka nokumemezela ukuthi kuzokwenzekani. Uma sesikuqedile sizosho," kushouKganyago.
Ekhasini leSIU kwiTwitter kuvezwe ukuthi njengoba umuzi usudayiswa, balandela umyalelo owakhishwa yinkantolo yaseGoli yokuthi badle le ndlu ebiza uR5million.
"Uphenyo lweSIU lwathola ukuthi imali eyasetshenziswa ukuthenga umhlaba nokwakha lendlu yathathwa enhlanganweni engenzi nzuzo eyathola imali kwiNLC nokwakumele isetshenziselwe imikhankaso ngezinto ezithinta ukusoka. Ngakho ukufakwa endalini kwalomuzi kusaqhuba imiphumela yophenyo olwatholakala ngesikhathi kuphenywa lenhlangano. UMengameli Cyril Ramaphosa waphakamisa ukuthi kubhekwe njengoba kwavela izindaba zokuthi kudliwa imali budlabha khona," kuchaza abeSIU.
Ekupheleni konyaka odlule kuvele izindaba zokuthi uTerry waba ngomunye wabahlomula ngemali eyizigidi kule nhlangano.
Ngokwamaphepha athunyelwa abameli bakhe baveza ukuthi ngeke baze baphikisane nesinqumo esithathwe yinkantolo. Amanye amagama okwavela ukuthi ayathinteka kulokhu kukhwatshaniswa kwemali kubalwa elikaLesley Ramulifho, Collin Mukondeleli Tshisimba, Fulufhelo Promise Kharivhe, AO Residence Mashudu Shandukani, Rasemate Family Trust kaRebotile Malomane, Mojakgomo Family Trust kaThabang Charlotte Mampane owayesebenza khona kwiNLC nabanye.