UBUHOLI bamaciko KwaZulu-Natal busezinhlelweni zokukhuluma nezinkampani neziteshi zethelevishini ngokwandiswa kwezinhlelo ezenziwa kulesi sifundazwe.
Lokhu kulandela ukuphela kwemidlalo ebisakazwa kwi-e.tv ebiqoshelwa eThekwini. Kule nyanga kuphele kanye kanye iDurban Gen ebidlala ngo-6.30 ebusuku phakathi nesonto kanjalo neMbewu ebisakazwa ngo-9 ebusuku phakathi nesonto.
Izikhala zayo zivalwe yiNikiwe neSmoke & Mirrors ngokwahlukana.
Usihlalo weCultural and Creative Industries Federation of South Africa (Ccifsa) KwaZulu-Natal, uThokozani T’zozo Zulu, uthe amalungu awo ashayeke kakhulu ngokuphela kwemidlalo.
“Kusiphatha kabi ngoba besesijabule singamaciko ngemidlalo emikhulu eyenzeka esifundazweni. Bekubuyisa ithemba nakwabasakhula ukuthi bengazibona nabo besebenza kwithelevishini.
“Akukuhle kumaciko ngoba amanye anezikweletu angeke esakwazi ukuzikhokhela, ondla imizi futhi afundisa nezingane. Akusona neze isimo esihle, abanye sibakhululile ukuthi abahambe beyofuna amadlelo aluhlaza kwezinye izifundazwe ekubeni sifuna imboni yethu yamafilimu nethelevishini ikhule eKZN,” kusho uTzozo.
“Siphezu kwezinhlelo zokuxoxa nezinkampani neziteshi zethelevishini ukuthi zingasivaleli ngaphandle. Njemgamenje sisele noZalo noMkhokha kuphela. Kukhona nefilimu esisanda kuyibuka eSun Coast okuthiwa yiTaxi Bosses eqoshelwe khona lapha ngamaciko alapha. Siyafisa ukuthi zibe ziningi izinkampani zakulesi sifundazwe ezithola amathuba, imboni ikhule.”
Lo mholi uphinde waphawula ngokungabi bikho kukaNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko esifundazweni ngemuva kokwesula kukaNkk Amanda Bani-Mapena. Njengamanje isikhundla sibanjiswe uNkk Bongi Sithole-Moloi.
“Silindele ukubona ukuthi kuzofakwa bani futhi sizimisele ukusebenza nanoma ngubani ozongena inqobo nje uma sizobambisana kahle ukuyisa imboni phambili.”
UT’zozo ukusho lokhu izolo, ngesikhathi besendleleni eya eSiphingo, beyonikela kwabalinyalelwa yizindlu nempahla ngesikhathi kusha imijondolo engaphezu kuka-350 ngesonto eledlule.
“Kusithintile ukubona abantu bakhithi behlukumezeka ngalolu hlobo. Izinto esiziphethe ngamaphasela okudla, izingubo zokugqoka ngoba amaciko anikele ngezimpahla nezingubo zokulala esizithengile.”