KULINDELEKE ukuthi lihambe ngesonto elizayo ithimba laseThekwini, eliyohlangana nosomabhizinisi base-USA, ukuze libanxengxe ngokuba nobudlelwane nelakuleli, uma kuza emabhizinisini abantu abamnyama.
Ithimba eliphuma kuMasipala weTheku elizobe liholwa iMenenja yalo mkhandlu uMnuz Musa Mbhele, kanjalo nenhlangano engenzi nzuzo eholwa uMnuz Wiseman Mkhize i-African Global Networks, lizohambela eHarlem, lapho kuzobe kuqhubeka khona umhlangano owaziwa ngeThe Resurgence New York Conference.
Kuwona kuzobe kudingidwa izindlela amazwe ikakhulukazi okukhona kuwo abamnyama angasebenzisana ngazo emikhakheni ehlukene.
UWiseman uthe, ngonyaka odlule behambe nongqongqoshe abahlukene baKwaZulu-Natal, kula bavuleka amehlo ngamathuba ahlukene abangawasebenzisa ukuze umnotho uze ngqo kosomabhizinisi abancane abamnyama.
“Kule ngqungquthela esiya kuyo, siyohlangana nabefundisi kodwa abasemkhakheni wamabhizinisi. Sifuna ukuthi sisebenzisane ukuze sisize osomabhizinisi abancane. Kulo mcimbi esiya kuwo kuzobe kukhona amazwe ahlukene ikakhulukazi lawa aseziqhingini, lapho kwenziwa khona imisebenzi yezandla ehlukene,” kusho uMkhize.
Uthe njengoba yena esemkhakheni womculo wamakhwaya, ngonyaka ozayo uma sebenza umcimbi omkhulu balindele ukuthi uvalwe ngekhonsathi eyobe ibophele izihlabani ezinkulu zakuleli.
Ngalo mbukiso abazowenza kuleli uveze ukuthi balindele ukuthi kusizakale bonke osomabhizinisi abancane kusuka kwabenza umsebenzi wezandla kuye kwabanamabhizinisi aseqala ukuthuthuka.
UMbhele uveze ukuthi okubenze bathatha igxathu lokuhamba baye e-USA, ukuthi kukhona nabenkolo nokuyinto engajwayelekile.
“Siyadingana kakhulu la emhlabeni. Ngakho ukuya kulo mbukiso wezinsuku ezintathu, kuzosifundisa ebesingakwazi, nesizobuya nakho sizokufaka emiphakathini yala kithi, hhayi nje eThekwini kuphela kodwa kusona sonke isifundazwe,” kusho uMbhele.
Uthe bakubheke ngabomvu ukubona indima yezokungcebeleka ikhula futhi kusizakala intsha kakhulu kuyo.