BAGEZEKE igilo abalaleli bomsakazo weGagasi FM, ngesikhathi ethula uhlelo uNgizwe Mchunu, owayengumsakazi woKhozi FM.
UNgizwe osedume ngokuthi ungumengameli wamabhinca izolo ubeyingxenye yethimba lohlelo lwasemini iDrive, kusukela ngo-3 kuya ku-6 ntambama, eGagasini FM.
Kusukela izolo abantu basamtusa ngekhono lakhe kwezokusakaza ngoba Igagasi FM lisebenzisa isiNgisi ekubeni wayedume ngokusakaza ngesiZulu.
"Yingakho sesizolilalela iGagasi," kusho uManqoba Thuthukani.
"Qashani uNgizwe abenohlelo lukamaskandi lapho," kusho uNdu Nduduzo.
"Kwaze kwamnandi kwiGagasi," kusho uNomvula Magwaza.
"Qhubeka nomsebenzi omuhle nkabi," kusho uMondli Mdlule.
"Ziyakhala manje, umengameli wesizwe samabhinca," kusho u-Alex Dumieh Isinamuva.
Ngaphandle kokuba yingxenye yomsakazo, izolo uNgizwe usanganise abaningi kwachwaza inkundla eMoses Mabhida, eThekwini, lapho bekuhlangene khona amaNazaretha.