Lo mcimbi uqale ngoLwesihlanu ebusuku ubuqukethe bonke ubumnandi ongabucabanga, kukhona nezintandokazi zaphesheya ebezibhekwe ngabomvu zishiyelana inkundla nabaculi bakuleli.
Le ndumezulu yomcimbi ibiseLegends Adventure Farm ePitoli kusukela ngoLwesihlanu kuze kwaba yiSonto. Abebehambele umcimbi bathokozele izinsuku ezintathu zobumnandi bomculo, imidlalo eyahlukene yemishini, kukhona nabahwebi abadayisa izinto ezahlukene, okubalwa kuzo izimpahla, ukudla neziphuzo.
Umrepha othandwa umhlaba wonke osanda kuwina indondo yeGrammy u-Kendrick Lamar wuyena obehamba phambili kukhangiswa lo mcimbi, ufike wacacisa nakwabanye ukuthi kungani eyisithandwa sabaningi emhlabeni.
U-Lamar utshele izihlwele ukuthi i-albhamu yakhe ka-2015 ethi To Pimp a Butterfly yagqugquzelwa wukuvakasha kwakhe okokuqala eNingizimu Afrika.
“Kwakungu-2014 ngesikhathi ngifika okokuqala eNingizimu Afrika, akunjalo, futhi lokho kwakhuthaza i-albhamu ethile, enye yama-albhamu engiwakhonzile kakhulu,” usho kanje.
The most wholesome and beautiful weekend 🔥❤️💯🥳
— Kehilwe Mnyamana (@kehibabe) December 11, 2023
They all performed for the longest time
And gave it their all
Cheers to our longest future relationship with Hey neighbor because what a well organised event. We will talk about traffic later 😅
Kendrick, her, SHM … pic.twitter.com/KgiVvYxmb0
Abanye osaziwayo ababonakale emcimbini beyizimenywa zeNetflix kubalwa uDineo Langa nomyeni wakhe uSolo.
UHlomla Dandala olingisa emdlalweni osakazwa kuyo iNetflix.
It’s a Full House at the Hey Neighbor Festival in SA this weekend, and our Naija fam are reppin 🥳 🇳🇬 pic.twitter.com/UjtG9EEdAK
— Netflix Nigeria (@NetflixNaija) December 9, 2023