ABANTU sebezwakalise ukuthi bangakujabulela ukuphinda bezwe iphimbo likaLinda “Mr Magic” Sibiya kuKhozi FM ngemuva kokuhoxiswa kwecala lokukhwabanisa ayethweswe lona.
UMr Magic wakhonjwa indlela ngo-2014 esakaza uhlelo lwasekuseni phakathi nesonto iVuka Mzansi.
Wathweswa icala lokukhwabanisa uR1.8 million wakwa-Edcon nokuyicala abelihamba enkantolo egxile emacaleni athinta imali eGoli. Icala lakhe lihoxiswe ngesonto eledlule ngemuva kokuvela kokuthi abukho ubufakazi obumyamanisa nalo.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto uMr Magic uthe angakujabulela ukubuyela kuKhozi FM. Kodwa lolu daba uthe useluyekele kubameli bakhe abazoxoxa neziphathimandla zakwaSABC.
“Abantu kufanele bazi ukuthi ngiyawuthanda umbhobho,” ucashunwe kanje uMr Magic.
Imizamo yokuthola okhulumela iSABC, uNeo Momodu, ayiphumelelanga njengoba obambe ucingo lwakhe ethe usemhlanganweni. Umqhafazo athunyelelwe wona kushaye isikhathi sokushicilela engawuphendulanga.
Abanye abantu bathe basamfuna emoyeni.
“Nami ngingajabula uma uLinda Sibiya ebuyela emsakazweni @ukhozi_fm singanyuka kakhulu nesibalo sabalaleli,” kusho uThabani Dube kuTwitter.
Umkhaya wakhe waseShowe, uKhetho Mpanza, uthe kumele abuyele.
NakuFacebook kube ngesifanayo abantu bethi basamdinga.
“Akabuye bakwethu... siyamkhumbula,” kusho uKhonzie Madlala.
ULindelani Nhlabathi uthe: “Singajabula uma bengambuyisa emoyeni. Noma bangamnikeza luphi uhlelo nginesiqiniseko sokuthi sibaningi esingameseka.”
“Buya vele isikhala sakho sikhona ekuseni,” kusho uSipho Chonco.
Yize abanye bekhulume kanje kodwa kukhona abathe akadedele abanye, angabe esabuya. Abanye bebethi angaba bomvu yimali uma ebopha iSABC.