Ezokungcebeleka

Owodumo emsakazweni Ukhozi FM engase adlele uKhisimusi ejele

Charles Khuzwayo|Published

OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM, uSiya Mhlongo, ulahlwe yicala lokushaya owabe eyisoka lakhe

Image: Facebook/Siya Mhlongo

UMSAKAZI wodumo kuKhozi FM neMetro FM, uSiya Mhlongo, uzokwazi ngekusasa lakhe emuva kokuphuma kwesigwebo ngoNovemba 27.

Isolezwe lithole ukuthi ngoLwesithathu uSiya, (42), utholwe yiNkantolo yeMantshi yaseThekwini enecala lokushaya ngenhloso yokulimaza owayeyisinqandamathe sakhe uNjabulo Duma (29). IMantshi uMhlonipheni Sibiya ilahle uSiya ngecala maqede yamkhulula ngebheyili ka-R1 000. USibiya usole kakhulu amankwebevu njengembangela yokuxabana kukaSiya noNjabulo ababengamathe nolimu.

UNjabulo wavulela uSiya icala ngoba emsola ngokumphihliza ngebhodlela leSavanna ebusweni, okuyisigameko esenzeka bebuya kozithokozisa ebusuku ngo-Agasti 31, nyakenye. Waveza ukuthi wayinyathela emsileni kuSiya ngokuthi avalelise komunye umuntu wesilisa ngokuthi "mncwa mncwa", wavele uSiya wathukuthela kwaba sengathi uthelwe ngezibonkolo maqede wambhonya.

USiya wahluleka ngisho ezama ukuba ubufakazi obethulwa wuNjabulo bungamukeleki ekhala ngokuthi buntekenteke futhi buyaphambana. Abameli bakaMhlongo, okunguMnuz Sikhumbuzo Mathabela obuye abe ngumfundisi odumile eThekwini no-Advocate Simphiwe Mlotshwa benza izethulo behlaba behlikiza ubufakazi bukaNjabulo. Baveza ukuthi kunamaphuzu ebufakazini bommangali ababona kahle nje ukuthi awanasisekelo.

Babuza ukuthi kungani inkantolo ithembe ubufakazi obethulwa wumuntu okwenzeka isigameko ecwile ezinkambeni zikaFaro. Bakhala nangokuthi ummangali wathi waklinywa ekubeni udokotela owamhlola, wafika enkantolo wathi zazingekho izimpawu zokuthi waklinywa.

Nakuba kunjalo uSibiya wathi ubufakazi obuphambi kwakhe abukho ntekenteke ngale ndlela abachaza ngayo futhi bungasetshenziselwa ukwahlulela.

Kwenzeka konke lokhu nje uSiya wayecele ukuthi uKhozi FM lumumise ekwethuleni Ubusuku Obuhle, kuze kuphothulwe icala nokwagcina sekuholela ekutheni angabe esabuyiswa  sekwenziwa izinguquko zango-Ephreli kulo nyaka.