Ezokungcebeleka

Kugxekwa iMzansi Magic ngohlelo iNandi And The Rev

Nokubongwa Phenyane|Published

UMFUNDISI Mawuzole nomkakhe uQueen Nandi osekuphinde kwasuka omunye umsindo ngohlelo oluveza impilo yabo iNandi And The Rev olukhonjiswa kuMzansi Magic

Image: Sithunyelwe

ABALANDELI besiteshi iMzansi Magic sebegxeke inkampani eyaqopha uhlelo iNandi And The Rev ngokukhombisa uhlelo olugcwele ukuhlukumezeka okubonakala  njalo uma lukhonjiswa ngeSonto ngo-7 ebusuku.

Abalandeli balesi siteshi bathi lolu hlelo kwakumele lungaqali nokukhonjiswa njengoba lugqugquzela udlame.

Lokhu kulandela isiqephu sayizolo lapho kubonakale khona uNandi Mlobi nomyeni wakhe uMawuzole (Zole) bexabana kuhlangana imindeni yabo.

Ababukeli basole uNandi ngokuhlukumeza umyeni wakhe.

UNandi wanyengumama mfundisi, kodwa washiya ibandla ngemuva kokuxoshwa nomyeni wakhe ngenxa yokuziphatha kwakhe ezinkundleni zokuxhumana. 

Isiqephu sayizolo sikhombise uNandi ethela ngamanzi abilayo amalungu omndeni kaZole waphinde wavezwa ephethe ingilazi abefuna ukuwashaya ngayo.

Lokhu kuhlukumeze kakhulu umyeni wakhe obelokhu ekhale njalo ngendlela umkakhe abeziphethe ngayo, yize ebefuna kuhlangane imindeni kukhulunywe ngezinto ezabaxabanisa.

UThaydo@aytido uthe: "Ukube nguZole owenza kanjena ngabe kunomsindo manje kuthiwa ungumhlukumezi. Kodwa ngoba ngumuntu wesifazane ohlukumezayo futhi onodlame kumyeni wakhe kubukeka kuyinto ejabulisayo okumele siyibuke. Lolu hlelo lukhuthaza ukuhlukunyezwa kwamadoda."

U@SegoK uthe: "UZole kumele azikhethe yena manje, ngeke silokhu sibona yena njalo ekhala."

ULuuZ@MissLuu uthe: "UNandi uyahlukumezana ngayo yonke indlela ongayicabanga."

U@Makhosazana _B uthe: "Ngiyaluzonda lolu hlelo, ngoba akukho okujabulisayo ngendlela uNandi aziphethe ngayo. Ngikhathazeke kakhulu ngezingane."

U-@Jabulani_Macdonald uthe: "Ngifisa ukuthi uhlelo lungavuselelwa lungayitholi isizini entsha. Ngiyamzonda lona wesifazane, kumele ngabe asimboni ngisho kumathelevishini ethu."

Ngesikhathi lolu hlelo luqala izolo isiteshi iMzansi Magic sikuvezile ukuthi yisiqephu esigcwele udlame abathe abalugqugquzeli, ngakho baxwayisa abazosibuka ukuthi bakulindele ukuthi kuzokwenzekani.

"Lesi siqephu sizokhuluma ngokuhlukumezeka. Isiteshi nophrojusa abahambisani nanoma yikuphi ukuhlukumezeka," kusho iMzansi Magic.