Ezokungcebeleka

UZozibini uveze elinye ikhono lakhe ebonakala elingisa

Nokubongwa Phenyane|Published

UZozibini Tunzi uthi ujabule ngokuthola indawo azoyilingisa emdlalweni iBad Influencer kuNetflix

Image: Sithunyelwe

INTOKAZI eyaphakamisa ifilege lakuleli ithatha isicoco sikazime emcimbini uMiss Universe ngo-2019, uZozibini Tunzi useveze ukuthi ukungena emkhakheni wobumnandi yikhona okumholele othandweni lokuthi alingise.

Ukusho lokhu njengoba engomunye wabalingisi bomdlalo omusha iBad Influencer, okuyimanje ikhonjiswa kuNetflix.

Zozibini

Image: SIGCINIWE

UZozibini akaqali ukubonakala elingisa njengoba ubengomunye wabalingisi base-Africa besifazane abagqama kufilimu yaseMelika ethi, The Woman King ngo-2022.

Kulo mdlalo ulingisa indawo kaNaomi, okungowesifazane onenhliziyo elikhuni futhi ongenabo ubuntu.

Ekhuluma ngokuba yingxenye yalo mdlalo uveze ukuthi yize engumuntu oyiciko, kodwa ukulingisa kwakungekhona akubheke kakhulu.

"Ukulingisa yinto engangiyenza ngisakhula esikoleni, ngikhula bengiyintombazane enekhono nje uma kwenziwa izinto ezihlukene ezithinta ukuba yiciko, esikoleni kwakuhlale kubukwa mina ngoba kukhona engizokwenza kunoma yini eqalwayo. Uma kuziwa emkhakheni wokulingisa, akuyona into engangizinikele kuyo ngisakhula, kodwa uthando lwayo lukhule kakhulu ngiqala ukungena kulo mkhakha wezobumnandi," kusho uZozibini.

Uthe ikhule kuye kakhulu ngesikhathi eba yingxenye yefilimu iThe Woman King, nayithande kakhulu njengoba namanje elokhu eqhubekile evulekelwa iminyango kuyo.

"Kwangijabulisa kakhulu ukuyithola indwo kuleya filimu, yize yayincane, kodwa yalwakha uthando ngalo mkhakha futhi ngazitshela ukuthi kumele ngiqhubekele phambili ngibheke amanye amathuba, nokuthe uma kuvela leli ngaba nenjabulo engachazeki," kuchaza yena.

Kulo mdlalo ulingisa nosaziwayo besifazane abalingisa izindawo eziphambili kulo mdlalo okukhona kubo uJo-Anne Reyneke olingisa indawo kaBK, uCindy Mahlangu(Pinky) Thapelo Mokoena, Zikhona Sodlaka, Masasa Mbangeni, Mich Mazibuko nabanye.

Eziqephini eziyisikhombisa zalo mdlalo uZozibini uthe abantu bakuleli bazobona owesifazane onganandaba nemizwa yabanye abantu futhi oziphakamisayo.