UXOLANI 'Sxubho Samantombazane' Mkhize owine indondo yeBest Male Artist kuMzansi Traditional and Cultural Music Awards eDumisani Masilela Theatre, eGerminston, eGoli ngoMgqibelo
Image: SITHUNYELWE
UMCULI kamaskandi osesinde kwaze kwaba ngamahlandla amabili ehlaselwa, uXolani "Sxubho Samantombazane" Mkhize waBafana BakaMolo Bangempela noFeleba, uhlabane ngomklomelo weBest Male Artist kuMzansi Traditional and Cultural Music Awards, eDumisani Masilela Theatre, eGerminston, eGoli, ngoMgqibelo.
USxubho owaqala ukwaziwa ngokugidela uBhekumuzi Luthuli ongasekho, uthe lo mklomelo usho lukhulu kuyena ngoba uchaza ukuthi igama leqhawe lakhe liyohlala lisematheni ngenxa yakhe. Ubonge kakhulu abalandeli bamaqembu akhe kanye nabakamaskandi jikelelele ngokuwa bevuka naye.
Amanye amaciko aziwayo aklonyelisiwe kulo mqhudelwano wezindondo owasungulwa wuDkt Nondakazana Dlamini ngoThokozani Langa, China Mpololo, Mafesi Mkhize, Phinda Mtya-Matlala Lance Sterh, Nothembi Mkhwebane, Phathaphatha Ngcobo, Chief Monyai no-Atlas Duma. Kunandise ingwazi yomculo we-Afro soul uBabsie Mlangeni kanti phakathi kosaziwayo ebebekhona kubalwa umlingisi wemidlalo yethelevishini uThuli Zulu.
Bekungekhona okokuqala uSxubho ewina njengoba ngo-2023 wakhala wemuka nendondo yeBest African Artist emqhudelwaneni waseZimbabwe, Amaqhawe Entaba Awards. Lo mculi odabuka eNkandla useke wehlelwa wumshophi kwaze kwakathathu. NgoDisemba 27, 2023 uSxubho washaywa futhi wathunjwa ngabantu abangaziwa eDawn Park maqede bayomlaxaza emgwaqweni ophakathi kwaseVosloorus naseSpruitview, eGoli.
Ngo-Agasti 2021 wake wangeniswa esibhedlela sase-Edenvale, eGoli, kukubi njengoba ayedutshulwe ekhanda nasezingalweni ekubeni ngoJulayi 2016 wasindiswa wukuthi wayengekho kugwazwa kufa amalungu amathathu Abafana BakaMolo Bangempela, okwakunguLebohang Dlamini, Mxolisi Hlabeni noLehlohonolo Mofokeng emcimbini owawuseVosloorus.
Abafana BakaMolo yiqembu elasungulwa nguBhekumuzi ngo-2006 kodwa emuva kokudlula kwakhe emhlabeni ngo-2010 labe selihlakazeka.
Njengamanje kunaBafana BakaMolo abaholwa nguGearbox Mtshali naBafana BakaMolo Bangempela abaholwa nguXolani, bobabili okungabaseNkandla. La maqembu ayagadlana ngezingoma.
Related Topics: