UFISA ukuthi nakulo nyaka iJoseph Bhekizizwe Shabalala Marathon (JBS) imvulele inhlanhla uNkosikhona Mhlakwana ongesinye sezilomo zabagijimi kuleli.
Ngalo mjaho, ozoba seMnambithi ngeSonto, kuhloswe ukuhlonipha uJoseph Shabalala ongumsunguli weqembu lesicathamiya, iLadysmith Black Mambazo, eqophe umlando inqoba izindondo zeGrammy Awards amahlandla amahlanu.
Udlule emhlabeni eneminyaka ewu-78 ngoFebruwari 2020.
Nyakenye ku-42km uMhlakwana, ogijimela iHollywoodbets AC, unqobe ngesikhathi esiwu-02:18.53.
Kwabesifazane kukhonye uLikeleli Majara (02:56.45).
Kukhona nebanga lika-21km, 10km nelika-5km elizogijinywa ngabangancintisani.
UMhlakwana utshele Isolezwe ukuthi nangonyaka odlule uvule ngalo mjaho okuhlungelwa ngawo iComrades neTwo Oceans Marathon.
Uthe kulo nyaka uzogijima u-21km ngoba okuseqhulwini wukwenza kahle kwiComrades yalo nyaka.
Uveze ukuthi nyakenye ngemuva kweJBS ube nempumelelo eyisimanga njengoba ephume isithathu kwiTwo Oceans (3:10.40), eyesi-12 kwiComrades (5:30) neyesikhombisa kwiSoweto Marathon (2:21.39).
Uphinde waqokelwa eqenjini lesizwe kuma-IAU 50km Championships abese-India. Nokho ugcine engayanga.
"IJBS Marathon ingicacisele okuningi ngempumelelo yami nyakenye. Namanje ngithandazela ukuthi kwenzeke okufanayo. Ngicela abasubathi baphume ngobuningi babo. Lo mjaho akuwona noma yimuphi, ngowokuhlonipha iqhawe lethu. Njengoba ngilwela ukubalwa namaqhawe kulo mdlalo, kubalulekile ukuzihlanganisa namagama amakhulu afana nelikababa uShabalala," kubeka uMhlakwana othe uzolwela isikhathi esiwu-1:05.
Uveze nokuthi ngeJBS uzobe ezilungiselela iRunifield City 50km ezoba ngoFebruwari 24, eGqeberha, e-Eastern Cape.
Uzophinde agijime wona u-21km kwiTwo Oceans.
Ubonge kwiHollywoodbets umqeqeshi uProdigal Khumalo, abaxhasi bakhe, iPuma, 32Gi, Edemed Pharmacy, Elite Athlete Development Program nePrime Human Performance Institute.
UVuyo Shabalala, ongenye yamadodana kaShabalala futhi ongomunye wabahleli balo mjaho, uthe kulo nyaka balindele abagijimi abangu-2000.
Uthe kulo nyaka kuhambe kahle njengoba bakwaze ukuheha abaxhasi abafana nenkampani yamathayi, iDunlop, ibhange iThala, uMnyango wezeMidlalo, aQuelle noMasipala i-Alfred Duma.
"Ezinye izindaba ezinhle ukuthi kuwo wonke amabanga abagijimi baseMnambithi abafike kuqala esiphethweni, iThala lizoklomelisa umgijimi ngamunye ngo-R2000," kubeka uVuyo.
Ozoshaya intambo emjahweni omkhulu uzogoduka no-R35 000. Kwelika-21km kuzoba u-R15 000 no-R10 000 kwelika-10km. Ku-5km kuzoba u-R4000.