OWAYENGUMDLALI weBidvest Wits, uPhumlani Ntshangase, uwukhomba kuRelebohile Mofokeng we-Orlando Pirates umklomelo obhekwe ngabomvu weDStv Premiershp Young Player of The Season.
UMofokeng (19) ukhushulelwe esikimini esikhulu seZimnyama ekuqaleni kwesizini ka-2023/2024 ephuma kweseDStv Diski Challenge esiphekwa nguJoseph “Dukuduku” Makhanya.
Ufike waphenduka intandokazi yabalandeli ngenxa yokudlala ibhola elisezingeni eliphezulu. Kule sizini, uMofokeng usashaye amagoli amathathu, wakha ayisihlanu emidlalweni engu-24 ayidlalile. Umklomelo womdlali osemncane ovelele kulindeleke ukuthi awubange noShandre Campbell weSuperSport United noJaeden Rhodes weCape Town City. UCampbell (18) naye obedlala esikimini seDiski ngesizini edlule, ushayele ezikaGavin Hunt amagoli amabili, wakha amane emidlalweni engu-19 yeligi ayidlalile. URhodes (21) ushayele iCity amagoli amane, wakha elilodwa emidlalweni yePremiership engu-27 kule sizini. Abanye abadlali abasebancane abagqamile kule sizini nguKamohelo Sebelebele weTS Galaxy no-Ime Okon oyibamba emuva kwiSuperSport. Umklomelo weYoung Player of The Season uzobangwa ngabadlali abaneminyaka engu-21 nangaphansi.
UNtshangase, owawina umklomelo womdlali osemncane wePremiership Young Player of The Season ngesizini ka-2014/2015 esayibamba kwiWits, uthe lo mklomelo ufanele uMofokeng nakuba ezomiswa kabi nguCampbell.
“Njengomdlali nginohlobo lwabadlali engiluthandayo. Ngithanda abadlali abaqonda phambili, abangadlaleli abalandeli. Yilokho okwenziwa nguCampbell. Udlala ibhola eliya phambili futhi uyaligoba ibhola uma kufanele. Ngaphezu kwalokho uyakhahlela uma kuvela ithuba. Wenza konke okufanele. Kodwa uMofokeng uzomehlula ngoba udlale imidlalo eminingi futhi uwine nendebe (MTN8) kule sizini. Ngaphezu kwalokho, uMofokeng udlalela iqembu elingcono kakhulu kuneSuperSport. Yilokho okuzomenza awudle umklomelo,” kusho uNtshangase.
Ngesizini edlule, umklomelo womdlali ovelele udliwe owayengumdlali weMamelodi Sundowns uCassius Mailula osedlala phesheya kwezilwandle.
UNtshangase wadlala emaqenjini esizwe abasakhula, wawina izindebe ezehlukene kwiWits okukhona kuzona iligi neMTN8 ngaphansi kukaGavin Hunt. Ugcine ukubonakala egijima kwiBaroka ezinyangeni ezedlule waphazanyiswa wukulimala. Kumanje akanalo iqembu alidlalelayo.
“Ngisathungatha iqembu okwamanje kodwa ngiyaziqeqesha ukuze ngihlale ngisesimeni esihle. Ngivulelekile ukudlala kwiPremiership noma kwiMotsepe Foundation Championship. Bengingayazi iChampionship ngaphambi kokujoyina iBaroka kodwa manje sengiyazi ukuthi iyiligi enjani. Ngeke ngibe nayo inkinga yokuyodlala kuyona futhi,” kusho uNtshangase.