IQEMBU lesizwe lombhoxo laseNingizimu Afrika, lizoya emdlalweni wokuvula iNdebe yoMhlaba yeRugby ka-2023 neScotland, lazi kahle ukuthi umlando uyalivuna.
Yize kunjajlo kodwa lokhu akulindelekile kube nomthelela omkhulu uma sebehlangana ngeSonto, enkundleni eMarseille, eFrance.
Womabili amaqembu azodlala kowokuqala wamaqoqo eStade Velodrome ngo-5.45 ntambama, enolwazi lokuthi ukunqoba kuzowabeka endaweni enhle kuPool B ngaphambi kokududulana ne-Ireland, iTonga neRomania.
AmaBhokobhoko neScotland badlala okokuqala ngoNovemba ka-1906, kwanqoba iScotland ngo 6-0. Sebedlale izikhawu ezingu-28, amaBhokobhoko anqoba imidlalo engu-23. Kowakamuva ngoNovemba ka-2021, owawuseMurrayfield, iqembu lakuleli lanqoba ngo 30-15.
Nokho amaBhokobhoko kuzomele akubeke emqondweni ukuthi iDark Blues, inabadlali abayingozi abangajikela noma yiliphi izwe njengoba bekhombisile beshaya iFrance ngenyanga edlule. Nokho, iLes Bleus ibibophele iqembu elibuthaka.
I-Scotland isendaweni yesihlanu emhlabeni, icijwa nguGregor Townsend kanti ukaputeni nguJamie Ritchie, omunye wabadlali abamnkantshubomvu kuleli qembu. Ayikaze ifinyelele kowamanqamu eNdebeni yoMhlaba. Yenza kangcono ngo-1991, ngesikhathi iqeda endaweni yesine.
Idlala uhlobo lweragbhi oluthi alufane nolwamaBhokobhoko ngoba nayo ithembele ekutheni izikhondlakhondla zaphambili zidudule kuqala, bese abadlali basemuva abanejubane beyawaqedela amathuba.
Umdlali oyingozi kakhulu kuleli qembu ngu-Finn Russell, ogijima kwi-flyhalf, okwaziyo ukulawula umdlalo uma elithola emi kahle ibhola. Uzobe ebheke nokubuyisa isithunzi sakhe ngemuva kokukhishwa eqenjini lesizwe ngenxa yokungaziphathi kahle eminyakeni edlule.
Omunye umdlali okumele amaBhokobhoko amqaphe ngeso lokhozi, nguDuhan van der Merwe odlala ephikweni. Lo mdlali unesivinini namandla futhi ushaya ama-try amahle uma ethola amathuba. Ngaphandle kwalokho, ungomunye wabadlali abaseqenjini leScotland, abazalelwa kuleli abazobe bebheke ukuwaqumba phansi amaBhokobhoko.