Liqophe umlando iqembu lesizwe lekhilikithi labesifazane ngesikhathi linqoba ompetha, i-Australia, okokuqala ngqa ngeSonto.
Lokhu kwenzeke emdlalweni wesibili wochungechunge lweT20 obuseManuka Oval, eCanberra, amaProteas awuthathe ngamawikhethi ayisithupha kusasele amabhola ayisithupha.
Iqembu lakuleli lingene kulo mdlalo linengcindezi kwazise i-Australia ibisilibhaxabule ngamawikhethi ayisishiyagalombili emdlalweni wokuqala obusenkundleni efanayo ngoMgqibelo.
Osokhaya baphinde bawina ithosi bakhetha ukushaya kuqala, bahlanganisa ama-run angu-142 kuma-over abo angu-20, sebelahlekelwe amawikhethi ayisithupha.
Abadlali bakuleli abashaya kuqala yibona abalibeke endaweni enhle njengoba ukaputeni, uLaura Wolvaardt, eshaye ama-run angu-58 emabholeni angu-53, wagcina engaphumanga, kwathi uTazmin Brits washaya angu-41 emabholeni angu-28.
UMarizanne Kapp no-Anneke Bosch nabo baphosile esivivaneni, amaProteas aze afinyelela kuma-run angu-144 ekupheleni kwe-over ka-19 esalahlekelwe amawikhethi amane, anqoba kanjalo.
“Sijabule kakhulu. Asikaze sibahlule kunoma yiluphi uhlobo lwekhilikithi futhi yinto ebesibheke ukuyishintsha. Ukukwenza lokho enkundleni yabo kuyinto ekhetheke kakhulu,” kusho uWolvaardt.
“Ngicabange bonke abadlali abeza ngaphambi kwethu asebethathe umhlalaphansi eminyakeni embalwa edlule. Ukubona leli qembu elincane esinalo lishaya ompetha bomhlaba kusho lukhulu kithina. Ngethemba ukuthi kuzoshintsha ukucabanga kwethu nokuthi sesiliqedile ishobolo. Ngifisa ukuthi sikwazi ukuphinde sibahlule emidlalweni ezayo, kungabi yivelakancane.”
Lo mphumela uchaza ukuthi iqembu elizonqoba umdlalo wesithathu ozodlalelwa eBlundstone Arena, eBellerive, kusasa ngo-10 ekuseni yilona elizonqoba lolu chungechunge lweT20.