UMPETHA kazwelonke we-Athletics South Africa (ASA) Senior Track and Field Championships ebangeni lika-10 000m, uMbuleli Mathanga, uthi uzizwa ekulungele ukulwela ukuvikela isicoco sakhe kuleli banga.
UMathanga usewudle iminyaka emibili ilandelana umhlanganiso ebangeni lika-10 000m kwi-ASA Senior Track and Field Championships, njengoba awunqoba okokuqala ngo-2021, waphinda esifanayo nangonyaka odlule, eKapa.
I-ASA Senior Track and Field Championships yakulo nyaka izoba seNorth West University McArthur Stadium, ePotchefstroom, ngoMashi 30 kuya ku-Ephreli 1.
Lo mgijimi ongaphansi kwePhantane Athletics Club, uya kulo mjaho nje uthelwe ngezibonkolo njengoba esanda kudla ubhedu kwi-5000m nakwi-10 000m kwiKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) Senior Track and Field Championships, ebiseMsunduzi Athletics Stadium, eMgungundlovu, ngeledlule.
Akagcinanga lapho njengoba ephinde wadla umhlanganiso ebangeni lika-21km kwiMngeni Water Marathon, eHowick.
“Amalungiselelo ami ahamba kahle. Akukho njengamanje engibona kusengangiphazamisa. Ngizimisele kakhulu ngokusivikela isicoco sami se-10 000m.
“Okubaluleke kakhulu kimi kulo mjaho waseNorth-West wukuthi ngingalweli kakhulu ukubeka isikhathi esithile kodwa ngilwele ukuthatha indawo yokuqala, ngenxa yokuphakama kwendawo engizobe ngigijima kuyona, uma kuqhathaniswa neyaKwaZulu-Natal,” kusho uMathanga, odabuka eMpangeni.
UMathanga akagcini nje kuphela ngokuba ngumpetha kazwelonke ebangeni lika-10 000m kwiSenior Track and Field, ungumpetha kazwelonke we-ASA Cross Country Championships ebangeni lika-10km, nayo akwazile ukuyivikela ngempumelelo nyakenye eRustenburg, eNorth-West, njengoba ayeyinqobe ngo-2021 eManzimtoti.
Omunye umgijimi obhekiwe kwiSenior Track and Field Championships ezoba sePotchefstroom, uZakithi Nene.
Lo mgijimi odabuka eMnambithi, ongaphansi kweFast Feet Track Club, naye uya kulo mjaho kazwelonke evutha engabaselwe njengoba esanda kugwinya amadoda ebangeni lika-200m nelika-400m kwiKZNA Senior Track and Field khona eMgungundlovu, ngeledlule.