UMGADLI weMamelodi Sundowns ovutha uphondo, uCassius Mailula, uphinde waba yiqhawe eqobela phakathi amagoli amabili asize ezakhe ziguqisa iCoton Sport yaseCameroon kowomlenze wokuqala wesigaba sokugcina samaqoqo kwiCaf Champions League eRoumde Adjia Stadium, eGaroua, eCameroon ngoLwesihlanu ebusuku.
ISundowns ibiye kulo mdlalo ihambela phezulu kulandela ukuthela kwayo othulini i-Al Hilal yaseSudan ngo 1-0 eLoftus Versfeld, eTshwane, ngeledlule.
Nakulo mdlalo wangeledlule uMailula obaba njengopelepele, nguyena oshayele iSundowns igoli lokunqoba, nosekumenza abe namagoli ayisikhombisa kulo mqhudelwano weChampions League njengamanje.
ISundowns ebiphezulu ngomdlalo esiwombeni sokuqala ikhombise zibekwa nje ebhandeni ukuthi ayizelanga ukuzosinisa amahleza, eCameroon, ngenkathi uMailula evalela phakathi igoli ngomzuzu ka-10.
Lapha bekulandela iphutha elenziwe ngumdlali wasemuva weCoton Sport, uHouzaifi Youssoufa obethi uphasela uzakwabo, lahlangana noMailula ongacucuzanga walibhajiswa ezintanjeni.
Akuphelanga mizuzu mingaki iSundowns yathola elesibili ngomzuzu ka-12, uMailula abenesandla nakulona ephasa ibhola elihlangane noThapelo Morena ebhokisini walishaya kalula ngesithende kwaba ngu 2-0.
Nokho, iCoton Sport, nayo ivukile emaqandeni ngenkathi uPatient Wassou, egadulisa izitobha zeSundowns maqede walibhajiswa ezintanjeni ngomzuzu ka-30.
Nokho, kuthe sezibheke ekhefini wabuya futhi uMailula wansondo wagqashula phakathi kwamadoda maqede walinamathisela enethini, walizwa ngendaba unozinti weCoton Sport, uGadin Allambatnan ngomzuzu ka-44, ubWKsw ethole ibhola ebeliqhamuke no-Aubrey Modiba esiyingini senkaba yenkundla.
Ngesiwombe sesibili iCoton Sport ikhombise ukuba yiqembu elingcono yathola namathuba ambalwa enze unozinti weSundowns, uRonwen Williams, avimbe amanye amabhola amabi, yize iSundowns ibilokhu iqhubekile nokucindezela.
Ukunqoba kwamaSandawane lo mdlalo kuyibeke ethubeni elingcono kakhulu kunezimbangi zawo zaseCameroon kwazise akwazile ukushaya amagoli amathathu ekuhambeni, angenelwa elilodwa kuphela. Ukunqoba kweSundowns kuyinikeze amaphuzu ayisithupha phezulu kwilog yeGroup B.
Empeleni leli qembu laseTshwane selikhombisile w emibili yakamuva yomlenze wokuqala wesigaba sokugcina samaqoqo eChampions League, ukuthi kula maqembu amathathu kuleli qoqo, okuyi-Al Hillal, iCoton Sport ne-Al Ahly yase-Egypt, i-Al Ahly yilona qembu elibukeka lingayinika inselelo ethe kuqina kunalawa amanye asakhombise ukungabi nasimanga.
Amaqembu azoqeda ephezulu kusukela kwiGroup A kuya kwiGroup D kwiChampions League azodlulela kuma-quarterfinal alo mqhudelwano.
Emdlalweni olandelayo weChampions League, amaSandawane azotholana phezulu ne-Al Ahly, e-Al Salam Stadium, eCairo, e-Egypt, ngoMgqibelo ozayo ngo-9 ebusuku.
Imiphumela yeCaf Champions League:
Al-Merrikh 0-0 Zamalek; Coton Sport 1-3 Mamelodi Sundowns