OWAYENGUMENGAMELI weFifa, uSepp Blatter, usephumele obala waphahluka ngokuthi kwaba yiphutha ukunikezwa kwelaseQatar ilungelo lokusingatha i-2022 Fifa World Cup.
UBlatter usho kanjena nje akusensuku zatshalwa kusuke amaphepha kwiWorld Cup, ezoqala ngoNovemba 20 isongwe ngoDisemba 18, eQatar.
Le ngwevu eneminyaka engu-86, yiyo eyayingumengameli weFifa ngenkathi iQatar yehlula ngevoti i-USA kungalindele muntu ngo-2010 embangweni wokusingatha lo mqhudelwano.
UBlatter utshele abezindaba baseSwirterland ukuthi:
“leliya zwe laseQatar lincane kakhulu futhi iWorld Cup ngumcimbi omkhulu kakhulu ukuthi ungasingathwa yileli zwe”.
Ngokubika kweSky News, iQatar, eyizwe eliseNtshonalanga ye-Asia, ingaphezudlwana kwezwe laseWales (ese-Europe) ngobukhulu.
“Kwaba yisinqumo esingaphusile. Futhi yimina owayengumengameli ngaleso sikhathi,” kusho uBlatter.
Uthe umhlangano owaba phakathi kowayengumengameli waseFrance, uNicolas Sarkozy, nowayengumengameli we-Uefa, uMichel Platini, yiwona owaklama indima enkulu ekuphekeni amavoti.
Uthi uPlatini wamenywa ngumengameli ngaphambi kokuvota kwangoDisemba ka-2010, nokuyilapho okwakukhona nenkosi yakhona eQatar, uSheikh Tamim bin Hamad Al Thani.
Uyakugcizelela uBlatter ukuthi owayengumengameli waseFrance, wafaka ingcindezi kuPlatini ukuthi ashintshe ivoti lakhe, livune iQatar.
“Ngenxa yala mavoti amane kaPlatini nethimba lakhe le-Uefa, ngaleyo ndlela iWorld Cup yabe seyiya eQatar esikhundleni sokuthi iye e-USA. Kuyiqiniso lokho,” kuqhuba uBlatter.
NgoJulayi nonyaka uBlatter noPlatini batholwe bemsulwa yinkantolo yaseSwirtzerland emacaleni enkohlakalo ababebekwe wona ngemuva kokuvela ngo-2015 kwezindaba zokukhokhelwa kukaPlatini izindodla zemali yiFifa.
Sekube khona ukugxekwa okubhekiswe kuleli zwe elizosingatha iWorld Cup ngenxa yemithetho yalo (ehambisana nenkolo yesi-Islam).
Ikhipha inyumbazane abantu abathandana nabobulili obufanayo, kuphikiswana notshwala, kunemithetho eguba abesifazane ukugqoka ngendlela abayithandayo kanti neziphathimandla zakhona zishaya indiva izigameko zokulimala nokufa kwabasebenzi abakhe izinkundla okuzodlalelwa kuzo imidlalo yalo mqhudelwano.