IPHINI lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uSergio Almenara, lithi bonke abadlali beqembu babalulekile ekufezekiseni iqhinga lokunqoba umdlalo, nomdlalo phezu kwezimanga ezigilwa nguMonnapule Saleng kulezi zinsuku.
U-Almenara obehola ithimba labaqeqeshi ngemva kokujeziswa kukaJose Riveiro ngekhadi elibomvu, usho kanjena nje, uSaleng osefomini eyisimanga futhi ubeyiqhawe ngesikhathi iPirates iguqisa iMaritzburg United ngo 2-1 ngoLwesihlanu emdlalweni weDStv Premiership, e-Orlando Stadium, eSoweto.
USaleng ushaye inkambabeyibuza yegoli eyidudula engaphandle kwebhokisi ngesiwombe sokuqala, waba nesandla ekwakheni igoli lesibili eshaya i-free-kick ehlangane nekhanda likaTerrence Dzvukamanja, ongqomfele phakathi elesibili ngesiwombe sesibili.
Igoli leMaritzburg livalelwe phakathi nguTumelo Njoti, oshaye umcibisholo weshodi sekusele imizuzu emihlanu kuphele umdlalo. Ngaleso sikhathi iMaritzburg ibisikhombisa ukuvuka emaqandeni isingena nezicabha kwasho kona ukuthi isiphuzile.
“Kithi (baqeqeshi) bonke abadlali babalulekile. USaleng usebenza njengabanye abadlali ejimini ukulwela ukuba sesikimini esiqala imidlalo,” kusho u-Almenara, okunguyena obehleli ebhentshini noMandla Ncikazi.
“Sizama ngakho konke okusemandleni ukuthi wonke umdlali okhona eqenjini angene esitayeleni sethu sokudlala. Kumele awaqonde namaqhinga esiwasebenzisayo emidlalweni ehlukene esiyidlalayo namaqembu ehlukene. Ngakho-ke sihlabeke umxhwele ngabo bonke abadlali abadlalayo eqenjini lethu.”
Ukuphawula kwalo mqeqeshi kukhombisa ngokusobala ukuthi akafuni ukuchoma uphaphe lwegwalagwala umdlali oyedwa kuphela.
Okuqaphelekayo wukuthi emidlalweni emibili yakamuva yePirates, ilokhu ibafaka kancane, kancane abadlali esanda kubasayiniswa okubalwa owasesiswini uMakhehleni Makhaula, nomgadli uSouaibou Marou.
UMakhaula osuka kuMaZulu FC udlale umdlalo wesibili ngoLwesihlanu, engena endaweni kaNdabayithethwa Ndlondlo ngesiwombe sesibili, kwathi uMarou osuka kwiCoton Sport yaseCameroon, wangena ngesiwombe sesibili endaweni kaSaleng.