INHLOKO yabaqeqeshi kumaBhokobhoko, uJacques Nienaber, ayikholwa ukuthi leli qembu elingompetha boMhlaba lisesimeni sokusivikela lesi sicoco elisidle ngo-2019, eJapan.
UNienaber ukusho lokhu ngempelasonto, eThekwini, lapho ebekhuluma khona esithangamini nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo-38-21 kwi-Argentina kowokusonga iRugby Championship.
Sekungumlando ukuthi isicoco sigoduke neNew Zealand kodwa lo mqeqeshi akalilahlile ithemba ngokuthi kuyothi kuqambe kufika isikhathi sokuvikela isicoco ngonyaka ozayo, iqembu lakhe libe selilunge ngokugcwele.
Uthe imidlalo yamaBhokobhoko yokusonga unyaka iyona ezowabeka esimeni esidingekayo ukuzisondeza nokuvukela isicoco somhlaba.
AmaBhokobhoko azoqala uhambo lwase-Europe ngokubhekana ne-Ireland ekleliswe phezulu kwawomhlaba ngokombhoxo.
Lowo mdlalo uzolandelwa oweFrance, ekleliswe endaweni yesibili kuze owe-Italy, bese kuvala owezimbangi ezinkulu i-England, eTwickenham.
“Kusale kancane ukuthi sifeze ebesikuhlosile kwiChampionship kodwa kwangenzeka. Kufanele sizishayele izandla ngoba sikwazile ukunqoba imidlalo emithathu ilandelana,” kusho uNienaber.
“Uma sizoya ngalo mgqigqo kule midlalo emine yokusonga unyaka, ngeke sibuzwele kangako ubunzima bayo yize ngingangabazi ukuthi kuzobe kulukhuni.”
Ebuzwa kulesi sithangami ukuthi iqembu lakhe lisesimeni esifanele yini ukuthi lingasivikela isicoco somhlaba, uthe, akakholwa okwamanje.
“Okwamanje asikho esimeni sokuthi ngingasho ngeqholo ukuthi singasivileka isicoco somhlaba. Kusafanele siqinise ekubambeni umgqigqo wokunqoba imidlalo ilandelana.
“Ukuze sivikele isicoco sethu kufanele sibambe umgqigqo wokuhlula amazwe anzima kulandelana eduze. Imidlalo esisalele kulo nyaka inzima yonke ngakho-ke sinethuba lokusondela ekutheni sibe neqholo lokusho ukuthi sizibona siqine ngokwanele ukuthi singayivikela indebe yethu,” kusho uNienaber.