UPHUMELE obala ngobunzima abhekane nabo ngesikhathi engeyona ingxenye yeqembu lesizwe lekhilikithi labesifazane umdlali odabuka eThekwini, uNondumiso Shangase, osebuyele kulona.
Lo mdlali waqala ukubonakala eqenjini lesizwe ngo-2019 washeshe waphenduka esinye sezethenjwa zalo emidlalweni yosuku olulodwa (ODI) neye-T20 kodwa wazithola esesele ngaphandle ngo-2021 ngenxa yokwehlelwa yifomu.
Wagcina ukudlala umdlalo wosuku olulodwa neqembu lesizwe ngo-Sephthemba ka-2021 kanti owokugcina we-T20 wawungoMashi ngonyaka ofanayo.
Akakuvumelanga lokho ukuthi kumdikibalise kodwa uqoke ukuzikhandla elekelelwa ngabaqeqeshi beqembu elimele isifundazwe iKwaZulu-Natal, iHollywoodbets Dolphins.
Lokho kube nezithelo ezihle njengoba ewahole kahle amaDolphins enkundleni, ethatha amawikhethi angu-13 emqhudelwaneni wasekhaya we-T20, obekuyisibalo esiphezulu kunabo bonke abashwibi.
Uphinde washaya nama-run amqoka, ekhombisa ukuthi usenguye umdlali okwazi ukukwenza konke enkundleni.
Lokho kuholele ekutheni afakwe eqenjini lamaProteas elilubangise ePakistan lapho lizoba nemidlalo emithathu ye-T20 nemithathu yosuku olulodwa.
“Bangazisa ngemuva kwabanye abadlali ukuthi ngiyingxenye yeqembu elizodlala ePakistan. Ngaqala ngethuka kodwa kungithokozise kakhulu ukuthola elinye ithuba,” kusho uShangase ekhuluma nethimba labezindaba leCricket South Africa esePakistan.
“Ngafikelwa wumunyu kodwa ngazitshela ukuthi kumele ngiqine. Umuntu engangifuna ukumtshela kuqala ngokuqokwa kwami wugogo ngoba ubengikhuthaza kakhulu nomndeni wami wonke.
“Bekunzima impela kodwa bekumele ngigxile ekuthuthukiseni amakhono ami nasekusizeni iqembu lami. Ngisebenze kakhulu nomqeqeshi uDinesha (Devnarain), umqeqeshi u-Angie (Angelique Taai) nomqeqeshi uSandile (Caluza). Bangisizile ngalungisa okuthile emdlalweni wami.
“Umqeqeshi uDinesha uphinde wangisiza nangokomqondo ngoba bengingekho esimweni esihle. Akumnandi ukushiywa ngaphandle. Kunezinto obekumele ngizilungise uma ngishwiba noma ngibhetha.”
AmaProteas azodlala owokuqala we-T20 nePakistan eNational Stadium eKarachi, kusasa ngo-4.30 ntambama. UShangase ubeke ithemba ekutheni sewake wenza ezibukwayo bebhekene naleli lizwe ethatha amawikhethi amathathu, lapho adedela ama-run angu-20 kuphela.
“Ngenza kahle kakhulu phambilini sibhekene nePakistan, ngakho kungaba kuhle uma ngingaphinda okufanayo noma ngenze okungcono,” uqhube kanje.
AmaProteas nePakistan bazodlala emibili elandelayo ye-T20 enkundleni efanayo ngeSonto nangoLwesibili, ngaphambi kokuqala uchungechunge lwemidlalo yosuku olulodwa ngoSepthemba 8.