UKULIMALA njalo yikhona okwenza iqembu lase-Egypt, i-Al Ahly, lifune ukudedela umgadli weBafana Bafana, uPercy Tau, ngokusho kokwayengunozinti waleli qembu, u-Ahmed Shobeir.
UTau owayegijima kwiMamelodi Sundowns ujoyine iRed Devils ephuma eqenjini lase-England, iBrighton and Hove Albion, ngo-Agasti nyakenye.
Usayine inkontileka yeminyaka emithathu ehambisana nombandela wokuyelula ngonyaka owodwa.
Wafika evele ethintekile kulandela ukulimala kwakhe edlalela iqembu lesizwe. Nokho uthe eseleluleme waqala kahle e-Egypt, edlala ngaphansi komqeqeshi uPitso Mosimane, ayesebenza ngaphansi kwakhe kwiSundowns.
Emidlalweni yakhe eyisishiyagalombili yokuqala kuleli qembu ushaye amagoli amahlanu. Elokugcina leligi walivalela ngoNovemba nyakenye.
Kusukela lapho usashaye amagoli amathathu kwiCaf Champions League kodwa nakhona wagcina ukubhakuzisa inethi ngoMeyi nonyaka.
NgoJanuwari, udonseke umsipha osemlenzeni nokwaholela ekutheni angakwazi ukudlala kwiFifa Club World Cup eyayibanjelwe e-United Arab Emirates ngoFebhuwari.
NgoJuni, uphinde walimala, kulokhu edonseka umsipha osethangeni, nokumenze wangadlala inyanga yonke.
Ugcine ukudlalela i-Al Ahly emdlalweni weligi ngo-Agasti 10, kanti ngokombono kaShobeir, obekhuluma emsakazweni wase-Egypt i-ON Sport FM, yilokhu kulimala okwenze lo mdlali wanyamanambana.
“Ngemuva kokuhlolwa ngodokotela sekubonakale ukuthi uPercy Tau ulimele eqolo, nokuzomenza ahlale isikhathi eside engadlali,” kusho uShobeir ecashunwa yiKing Fut.
“Bonke abaqeqeshi bayalibona ithalente likaTau namandla akhe kodwa ukulimala yisona sizathu esizoholela ekutheni agcine ehambile.
“I-Al Ahly ifisa ukumdayisa kuleli windi ngoba ngeke bakwazi ukungena kwisizini entsha bengakamtholi umuntu ozovala isikhala sakhe.”
Ngokwemibiko ephuma e-Egypt, iqembu laseFrance, iLe Havre, belimfuna uTau kodwa kwaze kwavalwa iwindi lakhona lokuhwebelana ngabadlali kungenzekanga lutho.
Akucaci noma lokhu kulimala okushiwo nguShobeir yikhona yini okwenze izinto zangahlangana.
Nokho, akhona namathuba okuthi agcine ebuye kwiDStv Premiership njengoba kubikwe ukuthi amaqembu okubalwa iSundowns, Kaizer Chiefs, Orlando Pirates, ayalulandela udaba lwakhe.
Ebuzwa ukuthi ngabe akhona yini amathuba okuthi lo mdlali abuyele kwiSundowns emasontweni amabili edlule, omunye wabaqeqeshi baleli qembu, uRhulani Mokwena, akazange aphumele obala.
"(UPercy) ungumuntu omangalisayo futhi ungumdlali webhola osezingeni eliphezulu. Angikwazi ukukhuluma ngaye ngoba angicabangi ukuthi i-Al Ahly isike yakhuluma ngokusemthethweni ngaye," kusho uMokwena.
“Ngakho-ke, ngenxa yokuthi akayena umdlali ozimele, futhi ungumdlali weqembu esilihlonipha kakhulu, kuba nzima kakhulu ukuthi ngiphawule.
“Uma ufuna ukungibuza ngokuthi ungumuntu noma ungumdlali onjani, uyawazi umbono wami, kodwa ngeke ngikhulume ngoPercy ngoba ungumdlali welinye iqembu.”
I-Al Ahly iqede isithathu kwi-Egyptian Premier League ka-2021/2022 esanda kuphela. Isale ngamaphuzu ayisikhombisa kompetha iZamalek, nangelilodwa kwiPyramids, elale isibili. Isizini ka-2022/2023, izoqala ngo-Okthoba 15.