Impumelelo yakamuva kaSiyabonga "Skhukhula" Ngezana (26) obeyisitobha seKaizer Chiefs, iphendule imithandazo kanina obehlale emqinisa idolo ngomthandazo ngesikhathi eyinhlekisa, esolwa ngokuboza.
Lokhu kushiwo ngumnewabo kaSiyabonga, uSikhalo (31) oteketiswa ngelikaLion, naye odlala phakathi nendawo emuva. USiyabonga odabuka eSebekong, eVaal, eGauteng, ukhulele enkulisa yaMaKhosi afika kuyona eneminyaka ewu-17. Unyuselwe eqenjini elikhulu umqeqeshi nguSteve Komphela ngo-2017, eneminyaka ewu-19.
Usheshe wazakhela ugazi kubalandeli beChiefs eshaya igoli lokunqoba emdlalweni wakhe wokuqala, behlula iMamelodi Sundowns ngo 2-1. Nokho ngokuhamba kwesikhathi uphenduke isitha kubalandeli bezakhe ngenxa yamaphutha. Bekunqakiswana ngegama lakhe ezinkundleni zokuxhumana.
Ekupheleni kwesizini edlule, kumangale iningi ngesikhathi iChiefs imemezela ukuthi uNgezana isimdayisele iFotbal Club FCSB edlala kwiSuperLiga, eRomania.
Isigcwagcwa siphinde saqala phansi enza amaphutha emidlalweni yokulungiselela isizini ephezulu yaleli qembu eselinqobe isicoco seligi amahlandla awu-26. Ugxekwe nanguGigi Becali ongumnikazi weFCSB.
Sekuwumlando ukuthi uNgezana usephenduke esinye sezithenjwa zomqeqeshi, u-Elias Charalambous owazalelwa eMonti, e-Eastern Cape. Usedlale imidlalo engu-16 yeligi. Ewu-13 yakamuva uyidlale kulandelana. Ewu-14 uyiqale, wayiqeda. Ubekhona nasesikwatini ebesisazophundlwa ebesimenyezelwe uHugo Broos okukhethwe kuso esiku-Africa Cup of Nations (Afcon), e-Ivory Coast.
USikhalo uchaze umfowabo njengomuntu ongazweli kalula ngesikhathi ebuzwa yokugxekwa kwakhe. Wathi unina uyinsika yabo ngomthandazo.
"Ngesikhathi uSiyabonga egxekwa bekungazweli kangako. Sikhuliswe umama yedwa, ubaba sisanda kumazi. Sidlule ezintweni ezinzima kakhulu ezisiqeqeshele ukumelana nanoma yiziphi izimo. Sonke ekhaya sishaya phansi ngedolo uma kukhona ilungu lomndeni elisesimweni esingesihle. Ngaphandle kwalokho uSiyabonga akadinwa kalula. Enjalo nje akaphuzi akabhemi. Ukholelwa ekutheni ukugxekwa yiko okumqinisayo," kubeka Sikhalo okumanje ujima neBlack Poison yomqeqeshi weSundowns, uRhulani Mokwena.
USiyabonga ongowokugcina ezinganeni ezinhlanu zikaChulekazi Ngezana. Kuvela ukuthi ufunwa iFC Lorient eyibamba kwiLigue 1, eFrance. Uqhube wathi inkulu injabulo emndenini njengoba umfowabo zimhambela kahle izinto.
"Umama ujabule ngendlela engachazeki. Uhlale ekhuluma noSiyabonga, emluleka ngokuthi uma kuqhamuka izinkinga aqhubeke nokuthandaza. Sifisa engathi lingamthatha naleli qembu elimfunayo eFrance. Nakuba ngingake ngande kodwa ngingakuhlebela ukuthi akhona namanye amaqembu amfunayo,“ kusho uSikhalo.
Udalule nokuthi bajabule njengoba eminyakeni embalwa edlule bemtholile uyise, uNkabinde.
"Simvakashela njalo ubaba eTholeni, eMnambithi. Uyisibusiso kithi, wonke umuntu uyathanda ukuba noyise," kubeka uSikhalo oke wadlala e-Ivory Coast.
Uphethe ngokuthi akakhethile, angadlala nakwiMotsepe Foundation Championship.