KUZOBONAKALA abadlali ababili abasha okungu-Ayanda Hlubi, no-Eliz-Mari Marx, eqenjini lesizwe labesifazane lekhilikithi. Lesi sikwata sizodlala emidlalweni ewuchungechunge ye-T20 ekhaya neBangladesh, kusukela ngempelasonto.
AmaProteas azotholana neBangladesh emidlalweni emithathu yeT20. Owokuqala uzokuba kusasa ngo-2 ntambama eWillowmoore Park, eBenoni, kuthi emibili yokugcina idlalelwe eKimberley Oval, eKimberley, ngoLwesithathu nangoLwesihlanu ngesonto elizayo.
Lolu chungechunge lwe-T20 luzolandelwa olweminye imidlalo emithathu yama-over angu-50. Iqembu elizodlala olwemidlalo ye-ODI lisazomenyezelwa.
Lesi sikwati sibunjwe ngabadlali osekunesikhathi beyingxenye yamaProteas eminyakeni edlule kodwa buzoba khona ubuso obusha ngemva kokubizwa kukaHlubi (19) noMarx (20), abebeseqenjini lika-Under 19 elidlale eNdebeni yoMhlaba kuleli ngoJanuwari.
U-Annerie Dercksen ubuyisiwe okokuqala selokhu aphuka umunwe ngoJulayi.
U-Ayabonga Khaka akaqokwanga ngenxa yokulimala edolweni, noChloe Tryon, othinteke enyongeni noNadine de Klerk, odonseke umsipha oseduze nezimbambo. U-Marizanne Kaap uphunyuziwe ochungechungeni lwe-T20 kodwa uzobuya emidlalweni ye-ODI.
“Ngokubona kwethu lolu chungechunge sizolusebenzisela ukuqhubeka nomsebenzi omuhle osuwenziwe kulo nyaka. Siyazi ukuthi sizobe sidlala neqembu leBangladesh, elisanda kuqeda uhambo olube yimpumelelo libhekene nePakistan,” kusho umqeqeshi wamaProteas, uHilton Moereeng.
“Sibheke ukusebenzisa uchungechunge lweT20 ukufaka abadlali abasebancane, sibanikeze ithuba lokudlala kuleli zinga eliphezulu ukuze sandise isibalo sabadlali esizosebenzisana nabo ukuya phambili.
“Sinabadlali abaningi abasebancane abezayo futhi isikwati siya ngokuqina. Siyiqembu sikubheke ngabomvu ukubona ukuthi yini abangayenza kodwa futhi ngeke sikhohlwe okunye esifuna ukukuzuza kule midlalo.”
ICricket South Africa (CSA) isanda kumemezela ukuthi uLaura Wolvaardt, usengukaputeni weqembu labesifazane lama-Proteas ngokugcwele, ngemuva kokubanjiswa isikhundla ngesikhathi libhekene nePakistan kanye neNew Zealand.
Iqembu lamaProteas elizodlala uchungechunge lweT20 neBangladesh: Laura Wolvaardt, Nonkululeko Mlaba, Nondumiso Shangase, Ayanda Hlubi, Tumi Sekhukhune, Sinalo Jafta, Masabata Klaas, Suné Luus, Eliz-Mari Marx,, Delmi Tucker, Anneke Bosch, Tazmin Brits, Annerie Dercksen, Mieke de Ridder, Lara Goodall.