IMAMELODI Sundowns ibhekene nomqansa wokushintsha umlando ongemuhle uma isibhekene neWydad Casablanca ekuhambeni.
ISundowns izogadulisana neWydad emdlalweni womlenze wokuqala wamanqamu we-African Football League (AFL) eStade Mohammed V eMorocco ngo-8 ebusuku. La maqembu azoqhuthana kowomlenze wesibili wamanqamu alo mqhudelwano omusha eLucas Moripe Stadium ngoNovemba 12. ISundowns neWaydad sebedlale imidlalo engu-12 kusukela ngo-2017 kodwa AmaBrazilians awakaze awine ekuhambeni. Empeleni ashaye igoli elilodwa eStade Mohammed V. Emidlalweni engu-12, iSundowns iyehlule kathathu iWydad, induku yakhala kuyona amahlandla amane. La maqembu adlale ngokulingana emidlalweni eyisihlanu.
ISundowns ifinyelele kowamanqamu emuva kokwehlula i-Al Ahly yase-Egypt phakathi nesonto.
Umqeqeshi wamaBrazilians, uRhulani Mokwena, uzwakale egcwele ithemba lokuthi bazodlula kuWydad njengoba sebeqedile nangezinye izimbangi iPedro de Luanda ne-Ahly ezibakhiphe kabuhlungu kwiCaf Champions League eminyakeni emithathu ilandelana. Ubegqugquzela abadlali emuva komdlalo ne-Ahly, ethi kufanele bakholwe wukuthi bazoyiwina i-AFL.
"Kumasizini amathathu eChampions League, sikhishwe yiPedro. Emuva kwalokho sakhishwa yi-Al Ahly, emuva kwalokho sakhishwa yiWydad. Kufanele niyiqedele. Ibhalwe ezinkanyezini. Kufanele nikholwe. Sekusele imidlalo emibili," kusho uMokwena.
ISundowns akubuzwa ukuthi izoya eMorocco inethemba lokubuya nokuthile kwazise iphumelele ukubamba i-Ahly ekhaya. IWydad izongena enkundleni izilile kwazise ishonelwe ngumdlali wayo u-Oussama Falouh odlule emhlabeni ngemuva kokulimala engozini yemoto.