Inhlangano eyengamele ibhola uMzansi, iSouth African Football Association (Safa), isilufake kubameli udaba lokushaqwa kwempahla ngama-Hawks ekomkhulu layo eNasrec, eGoli, ngoLwesihlanu.
Ama-Hawks ashaqe ama-laptop, ama-external hard drives, i-USB nemiqulu. Lolu phiko oluphenya ngamacala enkonhlakalo, luphenya iSafa ngecala lenkohlakalo nokweba imali engu-R1.3 million elithinta umengameli wayo (Danny Jordaan) elenzeke phakathi kuka-2014 no-2018.
Esitatimendeni, iSafa ithe yaneslisekile ngokuthi le mali yenzani futhi izinkontileka zasayinwa. Iqhube yathi ukusesha nokushaqwa kwempahla bekungekho emthethweni futhi ama-Hawks ayinike imiqulu engaphelele mayelana nokusesha nokushaqa impahla emahhovisi. Ithe lokhu kwenziwe ngamabomu.
Ngalokhu, iSafa ithe isiyalele abameli bayo ukuthi bafake isicelo sokuthi kubhekisiswe futhi kuhoxiswe ukuseshwa nokushaqwa kwempahla, bafake isikhalo esisemthethweni esibhekiswe kumalunga ama-Hawks.
“Ngenxa yalokhu, sesiyalele abameli bethu ukuthi bafake isicelo esiphuthumayo ukuze kubuyekezwe futhi kuhoxiswe lokhu kusesha. Ngaphezu kwalokho, siyalele abameli bethu ukuthi bafake isikhalo ngokusemthethweni kumahluleli wama-Hawks mayelana nezenzo zawo wonke amalungu athintekayo. Sikholwa wukuthi amaphoyisa asetshenzisiwe ekusebenziseni budlabha izinsiza zikahulumeni,” kusho isitatimende seSafa.